Wednesday, May 14, 2025
Ezobuhle Nemfashini

Ukuphokophela kuthele izithelo emukelwa esebuya isibili kuMiss KZN Queen

UQALE ukulandela umncintiswano wokumodela uMiss KZN Queen kusukela ngo-2022, ekhuthazwa ngababone benza kahle kuwona, naye waze wafisa ukuwungenela, ethemba ukuthi kuzomsiza ukumkhulisa njengabadlule kuwona.

Lowo wuThinasonke Mbuyisa waseNdabayakhe, Empangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, owazama inhlanhla okokuqala kulo mncintiswano ngo-2023, nokho kwabhimba uhlelo njengoba kuze kwalunga esengenela isibili kulo nyaka.

Elandisa UMAKA Magazine ngokumdobele kulo mncintiswano okhulise onobuhle abehlukene, kubalwa no-Ayanda Thabethe wodumo lakuMiss SA, uThinasonke (22) uthe wakhuthazwa wuPhilasande Ngcamu owadla umhlanganiso kuwona ngo-2022.

“Kwangikhuthaza kakhulu ukunqoba kwakhe ikakhulu ngoba wayeqala ukumodela ngaleso sikhathi, loko kwenza ngafisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe, nami ngikhule njengaye njengoba kwenzeka kuyena esenqobe lo mncintiswano,” usho kanje.

Le ntokazi eyenza unyaka wesithathu we-Diploma in Public Relations e-University of South Africa, ithi okunye okwenze yathanda lomncintiswano yinkolelo yayo yokuthi ukwenza kahle kuwona kuzoyisiza ukukhulisa igama layo kwezokumodela.

Ithe: “Ngithanda nokuthi uqhakambisa ukubeka phambili isimomqondo somuntu, into enganakekile ikakhulu ebantwini basemakhaya, nengikholwa wukuthi kusemqoka kakhulu ukuyikhuthaza kubantu ukuze bahlale besesimweni esihle.”

Ucele abantu ukuqhubeka bamvotele kule link ethi: https://pageantvoteafrica.com/pageants/1442/contestants/13953 njalo ngosuku kuze kuphele uJuni, futhi bamlandele emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ukuthola ezinye izindlela zokumvotela ukuze enze kahle kulo mncintiswano. 

Uthe uhambo lwakhe lokumodela aluzukuphelela kuMiss KZN Queen, kunaloko kuningi okunye okuhle afuna ukukuzuza kule ndima kubalwa nokwenza kahle aze afike ezingeni likaMiss South Africa eminyakeni ezayo. 

Facebook: Thinasonke Mbuyisa

Instagram: thina_mbuyisa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *