Bane abamele iKZN kwi-Top 30 kaMiss SA
INHLANGANO iMiss South Africa ilwethule izolo uhla lwezintokazi eziwu-30 ezizobanga isicoco salo mncintiswano kulo nyaka, nesiphethwe yintokazi yasePitoli uNatasha Joubert, osinqobe ngonyaka odlule.
Okuhlalukile wukuthi akekho unobuhle odabuka eNorthern Cape kulolu hla, kanti bawu-14 abaseGauteng, kube ngabane baKwaZulu-Natal, abathathu base-Eastern Cape naseMpumalanga, ngababili baseLimpopo naseNorth West, bese kuba ngoyedwa eFree State naseWestern Cape.
Lolu hla ludidiyele izintokazi ezenza izinto nemisebenzi okwehlukene kubalwa izifundiswa zemikhakha ehlukene, wothisha, wosomabhizinisi, izitshudeni namaciko.
I-KZN imelwe wuSinenhlanhla Mthethwa (23) waseRichards Bay, wuLebohang Khoza (27) waseMgungundlovu, wuNokulunga Zungu (29) waseMlaza no-Andrea Morrison (25) waseThekwini.
AbaseGauteng woChidimma Adetshina (23), uDenechia Lowings (24), uKayla Wagg (22), uTaahira Katz (25), uNompumelelo Maduna (28), uKirsten Khan (26), uLayla Zoubair (29), uLethukuthula Maseko (24), uMadri van Jaarsveld (27), uShané Maloney (20), uSherry Wang (29), u-Ontshiametse Tlhopane (23), uNaledi Matlakala (24) noPalesa Lombard (25).
I-Eastern Cape imelwe wuDanae Kukard (24), uKaylan Zeelie (21) noNolene Spinks (23). IMpumalanga yona ithembele kuNobuhle Langa (26), uKebalepile Ramafoko (25) noReinette Potgieter (26).
ELimpopo bamelwe wuDemoivre Bjalane (26) noFelicia Bajomo (27), kuthi eNorth West bathembele kuJohaneske Pelzer (23) noOnalenna Constantin (26), kuthi eFree State bamelwe wuJaneke van Tonder, noMia Le Roux (28) waseWestern Cape.
Abalandeli sebengaqala bavotele unobuhle abamthandayo kwi-app kaMiss SA kusukela manje kuze kushaye umhla ka-29 kule nyanga ngo-6 ntambama, ukusiza ukumbeka ethubeni elihle lokudlulela esigabeni sabawu-12 bokugcina.
Ababukeli bazobona lezi zintokazi okokoqala ohlelweni iCrown Chasers kwiSABC 3 uma seluqala mhla ka-29 June ngo-8 ebusuku, lapho kuzoqala kukhonjiswe khona uhambo lwazo lwalo mncintiswano.