UMoh noZuko bafeza isifiso sabalandeli ngengoma yothando
ABACULI be-afro pop uNomfundo Moh noZuko Kupiso sebenqume ukuzwelana nesikhalo sabalandeli babo, ebese kuyisikhathi eside becela ukuthi bakhiphe ingoma yabo yothando, kulandela ukuthi besabalalise isiqeshana sayo emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana.
UNomfundo Moh waseNdwedwe, KwaZulu-Natal, noZuko waseDutywa, e-Eastern Cape, bazokhipha le ngoma yothando esihloko sithi Muntu Wami, ngoLwesihlanu.
Bexosa noMAKA Magazine namhlanje, basho ngazwi linye ukuthi nakuba babengafisa ukukhipha le ngoma ngoFebhuwari ukuhambisana nommongo wayo wothando, kodwa babona kukuhle ukungayijahi, kunaloko balinde isikhathi esifanele ukuyikhipha.
UMoh uthe: “Savumelana sonke nethimba engisebenzisana nalo ukuthi nakuba ingoma yayisilungile njengoba sayiqopha phakathi nonyaka odlule, kodwa singaqali ngayo kulo nyaka, njengoba abantu bebonile ngiqale ngakhipha Umusa, ingoma epholile – ukwendlalela lena ngoba inomfutho ophezulu, futhi sikholwa wukuthi abantu abaningi bazoyithanda.”
UZuko, okhiphe albhamu ethi Umkhonto ngasekuqaleni konyaka, yena uthe ujabule kakhulu ngokuthi ekugcineni isizophuma le ngoma ikakhulu njengoba bese kuyisikhathi eside abalandeli bomculo wabo beyifuna.
“Ngijatshuliswe nawukuthi ngisebenze noNomfundo ngoba sonke siyazi ukuthi ingoma enaye iba yimpumelelo. Bekumnandi ukusebenza naye kuyona, kusukela siyiqopha kuze kuzoba yimanje. Indlela esixhumane kahle ngayo izozwakala nasengomeni,” kusho uZuko wodumo lwengoma ethi Qhawe Lam.
Bephetha, bathe emva koMuntu Wami, ophrojuswe wuNaxion Cross, ojwayele ukusebenzisana noNomfundo Moh ezingomeni eziningi, bazoqhubeka bajabulise abalandeli babo ngomcuo omnandi abazowukhipha ngokuqhubeka konyaka.