Ubheke ubungcono bezinto ngo-Miss KZN Queen obehlabe ikhefu ekumodeleni
UKUBHIMBA kohlelo komunye wemincintiswano yokumodela awungenela ngo-2020, kungasenzeki ayethenjiswe ukuthi kuzokwenzeka esewinile, kwenza wadikibala, waze wahlaba ikhefu leminyaka emithathu ekumodeleni.
Nokho ngenxa yokuthi kunabantu abamthandayo nabakholelwa kuyena, bebehlale bemkhuthaza ukubuyela kule ndima ngoba yinto ayithandayo. Nangempela kube njalo kuNtombenhle Ndovela, ebuyela kwezokumodela ngokungenela uMiss KZN Queen.
UNtombenhle (22) waKwaNzimakwe, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, uqale ukumodela ngo-2018, engenela imincintiswano eyahlukene yokumodela ukuzama ukukhula nokuzenzela igama elihle endimeni.
“Nokho umoya wami waphuka kakhulu emva kwalo mncintiswano engawungenela, nganqoba kuwona ngo-2020. Kwaba nenkinga sekumele ngiye phesheya kwezilwandle njengokusho kwabo mhla uqala, kwagcina kungenzekanga – loko kwangiphula umoya ngaze nganquma ukukhokha umoya mbijana,” kulanda yena.
Uthe ukholwa wukuthi lo mncintiswano awungenele manje uzokwenza abuyelwe wukuzethemba nothando ayenalo ngokumodela, njengoba eseqalile ukukhankasela ukuthi abantu bamvotele ukusiza ukuthi enze kahle kuwona.
Ukumvotela ungena kule link ethi: https://pageantvoteafrica.com/pageants/1442/contestants/13959 njalo ngosuku kuze kushaye uJulayi, futhi uma ungena emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, ubona nezinye izindlela ongamvotela ngazo.
“Ngizosebenzisa lo mncintiswano neminye engisazoyingenela eminyakeni ezayo ukukhuthaza amantombazane ikakhulu awangasekhaya ukuzithanda, futhi ngiwafundise ukuba ngabaholi abaqotho,” kusho uNtombenhle owenza unyaka wokugcina wobuthishela eDurban University of Technology, ophikweni oluseMgungundlovu.
Facebook: Nobuhle Ndovela
Instagram: nobuhle_ndovela