Ufuna “ukuqhakaza” njengasebephambili ngoMiss KZN Queen
NJENGABANYE onobuhle abasafika endimeni yokumodela, uhlale elandela asebephambi kwakhe ukuthola, abone ukuthi benzani futhi kanjani ukuqhakaza, bazuze lukhulu kule mkhakha awuzwa ngaphakathi.
Wukuhlale enzanjalo okwenza u-Ukhona Sibutha wabona ngomncintiswano wokumodela uMiss KZN Queen, wachazeka kangangokuthi waze wafisa ukuwungenela, ahambe ezinyathelweni zabadlule ezandleni zawo, abenza kahle empilweni.
U-Ukhona (21) waKwaMashu, eNyakatho yaseThekwini, ungomunye wonobuhle abangenele lo mncintiswano okudlule kuwona inqwaba yonobuhle kubalwa no-Ayanda Thabethe, owalala isibili kuMiss South Africa ngo-2022.
“Yiloko okwangikhuthaza ukungenela lomncintiswano ngenkathi ngibona omunye wabenza kahle kuwona ngonyaka odlule, uMbali Zinyanga ebhale ngawo ku-Instagram futhi eveze izinto ezinhle azizuze ngokuba yingxenye yawo, ngathanda nokuthi ugxile kwi-mental health, okuwenza wehluke kakhulu emincintiswaneni eminingi engiyaziyo,” kusho u-Ukhona.
Le ntokazi eyenza unyaka wesithathu kwiBcom Accounting e-University of KwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu, iqhube yathi ithemba ukuthi lomncintiswano, ongowesibili ewungenelile, uzoyisiza kakhulu ukuyikhulisa kule ndima.
Ithe: “Nakuba kuseyinselelo ukwenza eminye yemisebenzi esinikwa yona yomncintiswano, kodwa ngijabule kakhulu ngoba kuningi engifundisa kuwona, ngibala nokujwayela ukukhuluma phambi kwabantu nokusebenza kanzima, njengoba sesiqalile umkhankaso wokucela amavoti ebantwini.”
Unxuse abantu ukumvotela njalo ngosuku kule link ethi: https://pageantvoteafrica.com/pageants/1442/contestants/13963 kuze kushaye uJulayi, futhi bangene nasemakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ukubona ezinye izindlela zokumvotela, ukusiza ukumbeka ethubeni lokwenza kahle emncintiswaneni.
U-Miss KZN Queen wasungulwa wuZime Msweli ngo-2018, kanti isicoco sawo salo nyaka siphethwe wuNkazimulo Tshabalala (kwabadala) noPalesa Khanyile (kwabancane).