Bazoveza umphumela wempi yezigodi ngomdlalo weshashalazi
MBALI MPONTSHANE
EMINYAKENI eminingi edlule ikakhulu ngezikhathi zohulumeni wengcindezelo kwakubhoke nezimpi zezigodi, abantu bezigodi ezahlukene belwa futhi abanye bebulalana ngenxa yezizathu ezahlukene zokwakwenzeka kudala.
Enye yezinto leyo ezogqanyiswa ngabalingisi bemidlalo yeshashalazi neyakwithelevishini oBongani Mbatha noBhekani Shabalala, uma sebelingisa emdlalweni weshashalazi osihloko sithi Zemqadini.
IZemqadini ekhandwe ngengxenye yamagama ezigodi ezimbili iZembeni namaQadi, izokhonjiswa namhlanje ngo-6 ntambama nakusasa ePlayhouse, eThekwini ngo-3 ntambama, lapho laba balingisi bazoveza okwakwenzeka empini yalezi zigodi zombili.
Exoxa noMAKA Magazine ngalo mdlalo obhalwe wuSboniso Msimango, uBongani uthe bahlose ukupholisa amanxeba okwenzeka kudala ngawo, futhi bakhumbuze abantu ukuthi kwenzekani empini yalezi zigodi zombili ngenhloso yokubafundisa okuthile.
Uthe umdlalo wabo ungabafana ababili, okuwuyena noBhekani, abazwanayo kodwa bekhulele ezigodini ezimbili ezingezwani, okuthi kungaba nalempi basale bekhubazekile, njengoba iphela omunye wabo engasaboni emehlweni.
“Okunye okuzohlaluka kulo mdlalo wukuthi kuncane kangakanani okwenziwe wuhulumeni ukusiza abantu abahlukumezeka ngenxa yezimpi ezifana nalena, nokuthi lezi zimpi zabahlukumeza kangakanani abahlukumezeka kuzona,” kusho uBongani.
Ucele abantu ukufika ngobuningi babo ukuzobuka umdlalo, kanti amathikithi awo abiza uR100 eWebtickets, futhi azobe etholakala khona ePlayhouse namhlanje nakusasa.