Uhlelo lukaJacinta “lungenhla nge-content yangempela”
NGIQALA le ngosi ngasho ukuthi uthando enginalo ngomsakazo lwenza ngingachemi neziteshi noma izinhlelo zemisakazo nabasakazi abathile kuphela. Ngilalela iziteshi nezinhlelo okwehlukene, loko okusiza ngokuthi uma sengibhala imibono yami, ngikhulume into engiyaziyo nengiyizwile, ngingafuniseli.
Izolo ngibhale ekhasini lami likaFacebook ngincoma uhlelo lukaJacinta Ngobese, olungena ngo-9 kuya ku-12 emini kwiVuma FM. Ngituse kakhulu umdidiyeli wohlelo lwakhe, ebengingazi nokuthi wubani, ngibabaza umsebenzi omuhle awenzayo.
Yingakho namhlanje ngithe angizonaba kabanzi kule ngosi ngenzela ukuthi umuntu obona lowa mbhalo wami, angizitsheli ukuthi ngiwubhale ngoba ngifuna ukubukwa, noma mhlawumbe yingoba “ngiwumlandeli wokuqina” kaJacinta. Cha, akunjalo!
Nakuba ngingalulaleli njalo lolu hlelo ngoba ziningi nezinye ezidlala ngesikhathi esifana nesalo engizilalelayo, kodwa sekuyisikhathi eside ngilulandela, ngilulalele uma ngithola isikhathi, futhi ngihlale ngibona okwenzekayo kulona, noma ngingalulalelanga.
Okungixhaba umxhwele kakhulu ngoJacinta nophrojusa wakhe, engigcine ngithola ukuthi igama lakhe wuLuyanda Hlongwane, yindlela abahambisana ngayo nesikhathi nokwenzekayo ngaleyo nkathi uma sebehlela ukuthi uhlelo lwabo luzoma kanjani.
Engikuthanda kakhlu ngabo wukuthi abagcini ngezingosi zabo zansuku zonke, ngokwehlukana kwezinsuku, kunaloko bahlale beqinisekisa ukuthi usuku nosuku luba nento ehlabahlosile ezokwenza umlaleli afise ukubeka indlebe.
Mina sengiyazi nje ukuthi uma kukhona udaba olusematheni osukwini, nakanjani ngakusasa lowo muntu noma abantu abathintekayo kulona bazobakhona ukuzoziphendulela ohlelweni lukaJacinta, okusiza abalaleli ukubadwebela isithombe esicacile ngokusuke kwenzeka, futhi bazi nobekungenzeka bagcine bengakwazanga.
UJacinta noLuyanda abayenzi ngosaziwayo kuphela le nto engiyishoyo, kodwa banendlela yokuthola noma wubani okusuke kudingeka aphawule ngendaba ethile loko esithi is to clear the air noma to address the elephant in the room ngesiLungu.
Kuhlale kungikhathaza ukubona nokuzwa abasakazi abathile bekhuluma indavundavu engasizi muntu nangalutho ezinhlelweni zabo, ekubeni ziningi izinto okumele ngabe bayazidingida noma basifundise zona, yingakho ngigculiseke kangaka ngokwenziwa wuMaNgobese noMfo kaNgwane. Nishaya i-radio yangempela, ibambeni kanjalo!
WENA UBONA KANJANI?