Friday, July 12, 2024
Ezosaziwayo

Uzihlomisela Ukhozi osanda kujoyina Izwi Lomzansi

EMPILWENI kunezinto esizenza ngenhloso nangethemba lokuthi zizosiza ukusibeka esigabeni sempilo esizifisela sona, ukwenzeka nokufezeka kwaloko okuyosho ukufezeka kwamaphupho ethu eminyaka.

Kunjalo nakuNqobile Dlamini, owaziwa ngelikaModelkaz, umsakazi osanda kujoyina umsakazo womphakathi ohamba phambili esifundazweni Izwi Lomzansi, aqale ukuzwaka emasontweni amabili edlule kulona.

UModelkaz odabuka eMangosuthu, eDumbe, enyakatho yaKwaZulu-Natali, wenza ingosi ebizwa ngokuthi Ungqa Phambili, ohlelweni iMzansi Breakfast Show, olwethulwa wuLungisani Mavundla, njalo ngoMgqibelo ngo-7 kuya ku-9 ekuseni.

Exoxa noMAKA Magazine ngokujoyina Izwi Lomzansi, uthe ucelwe wuMavundla ukuzomlekelela ohlelweni ngoba ehlatshwa umxhwele yindlela enza ngayo uma ephethe izinhlelo emicimbini eyahlukene, ikakhulu eyomculo wesintu.

“Wancoma kakhulu intshisekelo nokuzimisela kwami uma ngiwu-MC emicimbini engiqashwa kuyona, ebe engazi nokuthi ngike ngasakaza ngaphambilini, wacela ukuthi sizosebenza naye ohlelweni lwakhe, nami ngavumela phezulu ngoba ngibona kuzoba yithuba lokuzicijela ukugcina ngingene oKhozini FM,” kulanda uModelkaz.

Le ntokazi eke yasebenza emsakazweni womphakathi oseNewcastle Imvula FM ngo-2022 nangonyaka odlule, neke yazama inhlanhla emncintiswaneni wokuhlwaya umsakazi wesifazane weminyaka yonke woKhozi FM ngo-2021, ithe uMavundla ugculiseke kakhulu ngendlela abaqale ngayo ohlelweni lwakhe olusha.

Ithe: “Emva kohlelo lokuqala emasontweni emabili edlule, wayincoma kakhulu indlela engenze ngayo, wathembisa ukuxoxa nabaphathi bomsakazo ukuthi ngisale sengilwethula naye ngokugcwele lolu hlelo. Sisaxoxa ngaloko, ukubheka ukuthi singavumelana ukuthi kwenzeke kanjani.”

“Ngithi angikugcizele futhi ngicacise ukuthi angihleli kwiZwi Lomzansi. Indlela yami ibheke kwamakhelwane (esho oKhozini FM), engikholwa wukuthi nakhona ngiyokwenza kahle kunoma yiluphi uhlelo engiyonikwa lona,” kuphetha uModelkaz. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *