Friday, September 13, 2024
EzosaziwayoEzosomabhizinisi

Ukuhlabana ngendondo kumkhuthaze ukusebenza ngokuzimele

MBALI MPONTSHANE

ICIKO elenza imisebenzi eyahlukene kwezobuciko kubalwa nokuba semkhakheni wezindaba nokuxhumanisa amaciko nabezindaba ngokuzimele, uSandile Nene owaziwa ngelikaSandy, uhlabane ngendondo yomsebenzi omuhle awenzayo.

USandy (31) waseNewtown A, eNanda, enyakatho yaseThekwini, usanda kunqoba indondo ye-Best Blogger kwiMzansi Community Media and Creative Awards, abenziwe okokuqala emasontweni ambalwa edlule e-ICC, eThekwini.

Exoxa noMAKA Magazine ngokunqoba le ndondo, engeyesibili yelama eye-Influencer of The Year ayinqobe ngonyaka odlule, uthe imisebenzi ayenzayo ayilula neze ngakho kwenza akhuthale ukuqhubeka ngenxa yokuhlonishwa ngalezi zindondo. 

Lelli iciko elivame ukusebenza nabalingisi abehlukene ukuhlela imidlalo eyahlukene yeshashalazi evame ukukhonjiswa ePlayhouse, liqale ukugqama kule ndima lisasebenza kwiVibe FM ngo-2012, kanti manje line-blog lapho libhala khona izindaba ezahlukene ikakhulu ezosaziwayo, futhi yiyo elinqobe lendondo yesibili ngayo. 

“Ziningi izinselelo engibhekana nazo njengoba ngisebenza ngokuzimela. Ngihlale ngenza imisebenzi eyahlukene ukuqhuba impilo, futhi ngizoqhubeka nokwenza i-blog yize ngingasagxilile kakhulu kuyona okwamanje ngenxa yobuningi bezinto engizenzayo,” kusho uSandy onenhlangano engenzinzuzo i-INK Today NPC.

Ukhuthaze abeza ngemva kwakhe ukwenza izinto ezibajabulisayo, futhi bangenzeli ukubukwa ngabantu – kepha umuntu anamathele entweni ayizwa ngaphakathi ukuze kube lula ukuqhubeka nalapho esebhekana nobunzima khona endleleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *