Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Igcagcele esokeni eshaya izinyoni ezimbili kwiSiphetho

UKUCULA nokulingisa ngamakhono obuciko awakhombisa esasemncane, kwathi nalapho esekhulile akangabheka neze emuva, kunaloko ubehlale ezihlupha ngokuhlwaya amathuba okuchuma ngalamakhono kwezikaqedisizungu.

Wukukhumbula loko okwenza umculi nomlingisi uShibu Molomo, ongomunye wabalingisi abasebasha abazogqama emdlalweni omusha wakwi-etv Isiphetho: Destiny, lapho elingisa khona indawo kaNkele Malatjie, intokazi ekhonze izindaba zabantu.

Ngaphandle kokulingisa kulo mdlalo okhiqizwe yiBlack Brain Productions, uShibu (32) odabuka eMookgopong, eLimpopo, nguye ocula phambili ebikeni lalo mdlalo, futhi ucula nakwezinye izingoma eseziqalile ukuzwakala emdlalweni.

Engxoxweni noMAKA Magazine izolo uphawule wathi: “Ngaphandle kokuthi leli yithuba lami lokuqala lokulingisa emdlalweni wethelevishini omkhulu kangaka, kungijabulise kakhulu futhi ukunikwa ithuba lokucula ezinye izingoma ezisetshenziswa kuwona ngenxa yokuthi umculo yiwona ohamba phambili kuzona zonke izinto engizithandayo.”

UShibu oke waba yi-backing vocalist kaWinnie Mashaba, ngaphambi kokucula yedwa, uveze ukuthi uthando lwakhe lobuciko lwenza washiya phakathi ezifundweni ze-Office Administration ayezenza eMakwarela TVET College, ukugxila ebucikweni ngokugcwele.

“Ngibonga ukuthi umndeni wami, ikakhulu uMama, babe nami njalo ohambweni lwami lobuciko, bengeseka emizwamweni yami yansuku zonke yokuphumulela, nakhu sengila engikhona manje, ngivuna izithelo zokuzikhandla kwami,” usho kanje.

Ubonge omunye wabaphathi beBlack Brain Pictures uMandla N, ngokuhambela ngakubo ekuqaleni kwalo nyaka ukuzohlwaya ithalenye elisha lamaciko angakaziwa kule ndima, okwenze naye wathola ithuba lokulingisa kuwona.

Uthe: “Leli thuba lifana nokufezeka kwamaphupho kimina, futhi seliqalile livula eminye iminyango njengoba banda abahleli bemicimbi abangimema ukuzonandisa emicimbini abayihlelayo, futhi kuningi okunye okuhle engisazoza nakho endimeni yezobuciko.”

Isiphetho: Destiny sikhonjiswa kwi-etv phakathi nezinsuku ngo-6:30 ntambama, kanti abanye babalingisi abaphambili kusona woLinda Sokhulu, uPeter Mashigo, uMbali Mavimbela, uPastor Mjosty Mbhele, uGugu Gumede noTsholofelo Maseko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *