Wednesday, May 14, 2025
Wena Ubona Kanjani?

U-Aunty Wama-2000 uwubufakazi bokuthi amaphupho ayafezeka

EMPILWENI umuntu nomuntu unezinto azifisela zona nafisa ukuzenza, azifeze ngempilo yakhe, futhi asuke ekholwa wukuthi ukufezeka nokwenzeka kwazo kungukufezeka kwamaphupho noma kwephupho elithile kuyena.

Amaphupho-ke awafani – kusuka esilinganisweni sawo kuya ezintweni okusuke kumele uqale uzenze noma wedlule kuzona andukuba afezeke, yingakho kukhona okuthatha isikhathi eside andukuba afezeke, amanye agcine engafezekanga nhlobo.

Ngingenisa kanjena engosini yanamhlanje nje, inhliziyo yami ithe kla ngenxa yento enhle eyenzeke komunye wabalingani bami bakulo mkhakha uSinethemba Nene owaziwa ngelika-Aunty Wama-2000 endimeni yakedisizungu.

Le ntokazi yaseNewcastle, enyakatho yaKwaZulu-Natali, ingomunye wabasakazi noma singathi amaciko ajoyine iGagasi FM, lapho yethula khona ingosi yomgosi ohlelweni iSaturday Breakfast, olwethulwa wuLwandle Masoka njalo ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.

Nakuba singajwayelene kangako nale ntokazi enethalente eliyisimanga lokusakaza nelokwethula izinhlelo zakwithelevishini, kodwa ekuyazini kwami ibihlale ikubeka kucace ukuthi ifisa kangakanani ukugcina isebenzela lomsakazo ongeminye yethandwa nelandelwa kakhulu eKZN.

Eminyakeni emibalwa edlule yabhala emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana, ichaza ukuthi kungani ifisa kangaka ukugcina inyathela emasangweni aseGagasini, futhi ayigcinanga ngokukhuluma kuphela, kepha ibiqhubeka nokwenza umsebenzi omuhle ezindawezini ezahlukene esebenze kuzona ukuzicijela leli thuba.

Ngaphambi kokujoyina iGagasi FM, aqale ukuzwakala kulona ngoMgqibelo kamhla ka-6 kule nyanga, u-Aunty Wama-2000 usebenze kwi-African Vibe Radio ngo-2019, waya kwi-Abusekho Ubunzima Christian Radio FM ngo-2020 kuya ku-2021. Usuke lapho wayosebenza kwiMvula FM ngo-2022 kuya ku-2023.

Ngo-2022 usungule uhlelo lwakwiYouTube iLokshin Bite, lapho exoxa khona nosomabhizinisi abehlukene bangakubo abanamabhizinisi okudla, ukuzama ukubasiza bagqame futhi kwaziwe ngamabhizinisi abo emphakathini wangakubo.

Kuningi okunye okuhle akwenzile nasakwenza engingasenakukubala lapha ngenxa yobuncane besikhala, kodwa ngicabanga ukuthi konke loku esengikubalile kwanele ukwenza kucace ukuthi leli thuba alinikwe ngabaphathi beGagasi FM limfanele.

MntakaMadlokovu ngikufisela okuhle kodwa eGagasini, futhi ngikholwa wukuthi uma uqhubeka uzikhandla ngale ndlela ohlale uzikhandla ngayo, uzogcina usunohlelo oluthi wena kulo msakazo, futhi ungagcina usabalala, uthole amadlelo aluhlaza kweminye imisakazo emikhulu nehlonishwayo eNingizimu Afrika. Zibambe ziqine!

WENA UBONA KANJANI? 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *