Ezobuhle Nemfashini

Sigubha iminyaka ewu-30 yeNkululeko ngomncintiswano wonobuhle

NGOMGQIBELO wesonto elizayo wumhla ka-27 Ephreli, usuku lokugubha inkululeko phecelezi i-Freedom Day, lapho iNingizimu Afrika izobe igubha khona iminyaka ewu-30 leli zwe laholwa wuhulumeni wentando yabantu.

Njengoba sazi sonke ukuthi imigubho eyahlukene yalolu suku izoqala maduze, ithimba leziko lezindaba UMAKA Magazine, libone kukuhle ukungasaleli ngaphandle kuloku, yingakho likwethulela umncintiswano wonobuhle wokugubha lolu suku.

Umhleli waleli ziko uMnu uSimangaliso Ntshangase, uthe okwenze baqoka onobuhle bodwa ukungenela lo mncintiswano wukuthi balihlonipha kakhulu iqhaza abalibamba emphakathini ukukhuthaza abantu abasha ukwenza izinto ezinhle empilweni.

“Umkhakha wonobuhle ungeminye yemikhakha ebalulekile emphakathini kodwa esabukelwa phansi ikakhulu emazingeni aphansi ngenxa yokuthi abanye abantu banenkoleloze ngawo futhi abakakuqondi ukubaluleka kwawo ezweni.

“Yingakho sibone kukuhle ukwenza umncintiswano ozogqamisa ubuhlakani bonobuhle nokubaluleka kwezwi labo ezweni, kanjengoba sike senza ngemnye imincintiswano efuze lona esike sayenza phambilini,” kusho uNtshangase.

Okudingeka konobuhle abafisa ukungenela umncintiswano wukuqopha i-video engezukwedlulwa emzuzwini owodwa (u-1 minute), beyenze nge-landscape yeselula noma i-camera yabo, bechaza ukuthi ngokwabo, kusho ukuthini ukukhululeka.

“Unobuhle kumele achaze ngendlela ecacile ukuthi i-Freedom Day isho ukuthini kuyena, futhi aveze nokuthi ngokubona kwakhe izwe likhululeke ngempela yini manje, bese eqikelela ukukhuluma ngesiZulu kwi-video yakhe,” kucacisa uNtshangase.

Umncintiswano uvuleleke kunoma wubani wesifazane owunobuhle, ozohlanganisa noma osehlanganise iminyaka engaphansi kwa-30 kuya phansi kulo nyaka. Ama-video kumele athunyelwe ngo-WhatsApp ku-063 749 0060 ungakedluli umhla ka-21 Ephreli.

“Thina sizoqoka ama-video onobuhle abathathu esiwathandile ngoMsombuluko kamhla ka-22 Ephreli, siwafake ekhasini lethu lika-Facebook, ukuthi abukwe ngabantu. I-video yonobuhle okuzoshaya umhla ka-27 Ephreli isibukwe ngabantu abaningi kunawabanye, wuyena ozokhala emuke nomklomelo kaR500.”

SINIFISELA INHLANHLA!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *