Wednesday, May 14, 2025
Ezosomabhizinisi

Uphokophelele ukukhuthaza abesifazane ukungena kwezolimo

MBALI MPONTSHANE

INDLALA yabantu besifazane abangena, bachume emkhakheni wezolimo ngenye yezinto ezikhuthaza umlimi waseMgungundlovu, KwaZulu-Natali, ukuzimisela kule ndima ukuze akhuthaze imbokodo ukulandela ezinyathelweni zakhe.

UNksz uLuleka Mbanjwa, wumnikazi weTsolo Poultry Farm, ibhizinisi lapho edayisa khona izinkukhu zenyama namaqanda, okuyiwo aqala ngawo inkampani yakhe ngoJulayi wango-2021.

Elandisa UMAKA Magazine ngenkampani yakhe, uNksz uMbanjwa (32), oneziqu iBA in Psychology yaseVarsity College, uthe waqala iTsolo Poultry Farm edayisela omakhelwane bakhe amaqanda, athandwa ubuthaphuthaphu, akangabe esabheka emuva.

“Ngiqala ibhizinisi bengidayisa amaqanda ngaphansi kompheme osesangweni lenxanxathela yezitolo i-Edendale Mall, futhi nganginamakhasimende amaningi ayizisebenzi zase-Edendale Hospital, ebezithanda kakhulu umkhiqizo wami,” kusho uNksz uMbanjwa. 

Ngokubona ukuthi lomsebenzi uwuzwa ngaphakathi, wandise ulwazi lwawo ngokwenza izifundo ze-Commercial Layer Farming eKZN Poultry Institute, khona eMgungundlovu.

Uthe: “Okwenza ngithandeke emakhasimendeni ami wukuthi imikhiqizo yami yehluke ngokuthi ihlale imisha, futhi ngiyihlola njalo ngaphambi kokuyidayisa ukuqinisekisa ukuthi isesimweni esihle futhi ngiqikelela ukuyifikisa ngokushesha ekhasimendeni.”

Ephetha, ukhale ngabantu abasha ababukela phansi imisebenzi yezandla, wakhuthaza intsha ikakhulu abantu besifazane ukukhuthalela ukuqala amabhizinisi ezolimo nokufuya ukusiza ukuthi babe nendlela yokuziphilisa futhi bazimele.

“Ngifisa ukuthi umNyango wezoLimo wandise izinhlelo zokusixhasa thina esisafufusa ikakhulu ezindaweni zasemakhaya, lapho umhlaba wokutshala nokufuya ukhona futhi mningi kepha izinsizakusebenza ziyindlala kakhulu, okwenza abanye bethu badikibale endleleni,” kuphetha yena. 

One thought on “Uphokophelele ukukhuthaza abesifazane ukungena kwezolimo

  • Wow! Well done Luleka, so proud to see your business flourish like this. To growth 🥂

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *