Ezosaziwayo

Uhlonipha amagalelo kaBeekay ngokubuyela emsakazweni

UKWEDLULA emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM uBheka “uBeekay” Mchunu, kwenze umbhali wezincwadi owayesondelene kakhulu naye, uLungisani Mavundla wabuyela emsakazweni ukuhlonipha amagalelo akhe kule ndima. 

UMavundla wodumo lwencwadi esihloko sithi Unyaka Wesithembiso, usejoyine umsakazo womphakathi Izwi Lomzansi, asebuya isibili kulona, njengoba aqala ukusakaza ngo-2011 khona, ngaphambi kokujoyina Ukhozi FM ngo-2012.

Exoxa noMAKA Magazine namhlanje ntambama, uMavundla uthe uzokwethula uhlelo lwangoMgqibelo ngo-7 kuya ku-9 ekuseni, ukuqhubeka lapho agcina khona ngezingosi ezahlukene zokufukula nokunika amaciko ithuba lokugqama endimeni yezobuciko. 

“Bengingakuhlelile ukubuyela emsakazweni ngenxa yokuthi cishe konke engangikufisa ngenkathi ngiqala ukusebenza emsakazweni, okwakuwukwaziwa nokukhulisa igama lami, sengakwenza futhi ngakufeza konke. 

“Kepha ukuhamba kukaBeekay emhlabeni kusephuce uhlobo lomsakazi engingazi noma siyophinde siluthole yini ngoba wayewumsakazi owehluke kakhulu kunabanye futhi ethanda umsebenzi wakhe ngokwedlulele.

“Ngakho ukubuyela emsakazweni kwami kuyindlela yokumhlonipha nengikhumbula amagalelo akhe ngayo, nanokuthi wuyena muntu owenza ngangena emsakazweni futhi wenza ngakuthanda ukusebenza kuwona,” kulanda uMavundla.

Leli ciko elidabuka Oyaya, Eshowe, enyakatho yaKwaZulu-Natali, nelingumnikazi wenkampani yezobuciko iMavundla Media, lithembise ukuza nento ehlukile ohlelweni lwalo olusha oluqala kulo Mgqibelo esiya kuwona.

Liphethe lathi: “Ngiwumuntu ongathandi ukwenza into eyodwa futhi ngendlela eyodwa, yingakho nezinhlelo engizenze phambilini, engekho namanje umuntu oseke wakwazi ukuzenza njengami. Nakulokhu ngizoqhubeka lapho ngoba inhloso yami wukuphakamisa igama lamaciko endlu emnyama enza imisebenzi emihle yobuciko.”

8 thoughts on “Uhlonipha amagalelo kaBeekay ngokubuyela emsakazweni

  • Siyabonga Mavundla muhle ymsebemzi wakho ,sizolimcknga izwi lomzansi la lingakhona eCPT

    Reply
  • Danky Vundlas ngiyakwethemba mfethu wami msebenzi wakho uyawaz njengoba uzazi .uzoyibamba lento angingabazi

    Reply
  • Mfoka Mavundla stathokoza ukuzwa ukuba ubuyela emsakazweni, muhle umsebenzi wakho futhi syathanda. Kuhle ukuqhamuka ngendlela eyahlukile eyenza uheheke ngento osuke oyikhuluma ufune ukuzwa isiphetho sayo. Phambili nolimi lwethu lwesiZulu, baphakamise osinkondlo kuze nabo babone bafunde kubantu abanjengawe. PHAMBILI Mfoka MAVUNDLA !!!!!!

    Reply
  • Ngingajabula kakhulu ukuthola ukuthuthukiswa kwezamaciko siyindlu emnyama..Kuphinde sifezekise amathuba ezolimo kuze sikwazi ukuphila nokukhombisa izingane zethu ukuthi kuyaphileka ngomhlabathi ngaphandle kokuya kumlungu

    Reply
  • Siyabonga kakhulu bakithi ukuhlonipha u Beekay yena uyibekile induku ebandla abonakele amagalelo akhe.nawe siyazi uzokwenza umsebenzi wakho omuhle odume ngawo lizolokhu liphephezele njalo I flag Las Oyaya ngenxa yakho🙏

    Reply
    • Siyabonga kakhulu ngenikwenzayo ngokuhlonipha uMchunu ukuze igama lakhe noma eselele kobandayo kodwa nize nimkhumbule.. Izandla zendlula ikhanda ngenikwenzayo. UNkulunkulu anibusise.

      Reply
  • Siyabonga kakhulu ngokusenzela okuhle kodwa kuMchunu. Ukuze impumelelo yakhe ungapheli iqhuneke njalo. Sibonga kasiphezi sibonga izandla zendlula ikhanda

    Reply
  • Siyabonga kakhulu bab Mavundla,noma isizululu SITHI akukho soka elingenasici kodwa okuningi okwenzayo kuhle kuyababazeka…nentsha utixo ASINIKE yona iyafunda kuwe …uyibonelo esihle ngokuphindiwe…NAMAZWI okuchaza ubuhle awanele

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *