Usezoba mningi kuYouTube okujabhe abalandeli eshiya oKhozini
INKAKHA yomsakazi esanda kushiya kwisikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM uNongcebo Vukile Mckenzie usepholise izinhliziyo zabalandeli bakhe abebephatheke kabi ngokushiya kwakhe kungalindele muntu emsakazweni.
UNongcebo odabuka ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yaKwaZulu-Natali, ugcine ukusebenza oKhozini ngenyanga edlule, kanti abalandeli bakhe abaningi bakhombise ukujabha ngokuhamba kwakhe, bezibuza beziphendula ukuthi uhambeleni, futhi bezwelana naye ekhasini lakhe leFacebook.
Ukungena kwemiyalezo eminingi yabantu abamzawelayo, abanye bekhala ngengosi abeyenza emsakazweni ethi Incwadi Yothando, kwenze wabhala ekhasini lakhe leFacebook ukuthi ukukhala kwabo kuzwakele, kukhona okuhle azoza nakho ukubajabulisa.
“Imiyalezo ingena ingenile kucelwa ukuthi Incwadi Yothando iqhubeke lapha ezinkundleni zokuxhumana, kona nami ngiyayithanda le ngosi,” kubhala uNongcebo kwiFacebook, maqede wanika abalandeli bakhe ithuba lokuvotela ukuthi le ngosi ayiqhube kuFacebook noma kuYouTube.
Emva kwaloko wazise abalandeli bakhe ukuthi le ngosi uzoyiqhuba kuYouTube, futhi kwezinye isikhathi bazombona eyenza ekhasini lakhe leFacebook, wacela nokuthi abantu baqale ukuthumela izincwadi zothando abafuna abafundele zona kuyona.
Izolo ntambama wethule i-channel yakhe yakwiYouTube, azobonakala kuyona eqhuba le ngosi maduze, kanti kushone elanamhlanje esafake izingxoxo ezintathu azenze noDkt u-Ella Ford Mthethwa, uDkt uNechama Brodie no-Ayanda Msweli.
UNongcebo uqale ukusakaza kwiGagasi FM ngo-2005, wase ejoyina Ukhozi FM ngo-2008 lapho afike wenza izinhlelo ezahlukene khona kubalwa iVuka Afrika Breakfast Show, Ubusuku Obuhle nagcine ngalo emoyeni oluthi Ezingasoze Zabuna.
I like this page with more interesting news and different ideas
I’m happy for u Noncebo I thank God for this opportunity he gave u.You derseve to to to happy. May God continue bless u.
Sibonge Nkosi yami uma sizazobanaye
Ntombi emhlophe ngakubhalela ngicela ulwazi
wanhiphendula kamnandi ngalokho nje ukuzi
thoba kwakho u Nkulunkulu uzokwehlisela izibusiso.
I m happy 4 u noncebo
Zindaba ezimnandi lezo all the bast
Siyabonga kakhulu Ngcebo ukusikhumbula
YAKHULA INTOMBAZANE UMQOLO USUQINE NGQI,SHOW THEM WHO U YOU ARE.SIKUFISELA OKUHLE KONKE NONGCEBO IMA IMPUMELELO IQALA KONKE KUNESIKHATHI SAKHO ZESULIWE IZINYEMBEZI.UDUMO KWELIPHEZULU.
Well done sis wami keep it up. The sky is the limit sis 👏💯