Ezosaziwayo

Kufezeke iphupho leminyaka ejoyina iGenerations: The Legacy

OLWETHU MTHIYANE

UMLINGISI nomqondisi wemidlalo yakwithelevishini uNompilo Mwelase ufanise ukujoyina kwakhe umdlalo wakwiSABC 1 iGenerations: The Legacy, nokufezeka kwephupho lakhe leminyaka ngenxa yokuthi ukhule elandela lomdlalo.

Lo mlingisi waseMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natali, udalule lezo zindaba engxoxweni noMAKA Magazine ngesonto elidlule, kulandela ukuthi eveze ukuthi usejoyine lomdlalo, ngombhalo awufake ekhasini lakhe lakwiFacebook.

Uthe okwenza ajabule kakhulu ngokuzojoyina iGenerations, lapho ezolingisa indawo kaFaith khona, wukuthi ukhule ewuthanda kakhulu lomdlalo, futhi ewumlandeli wokuqina kaConnie Ferguson, omunye wababelingisa phambili kuwona eminyakeni edlule.

“Leli thuba engilitholile liwubufakazi bokuthi uNkulunkulu usebenza emfihlakalweni nokuthi uyabaklomelisa abasebenza kanzima,” kusho uNompilo ogqame kule ndima ngokulingisa kwiVula Vala nakwiSkeem Saam.

Ephetha, ubonge uMandla N weBlack Brain Pictures ngokumnika ithuba lokuzibonakalisa kule ndima, njengoba engagcini ngokulingisa kuphela, kepha engomunye wabenza imisebenzi eyahlukene emidlalweni ekhiqizwe yile nkampani.

Ucebise abalingisi abasebancane njenganye nabasafisa ukugqama kule ndima ukusebenza kanzima, basebenzise i-internet ukuveza ubuhle bomsebenzi abawenzayo ukuze kwande amathuba okuthi bachume kwezokulingisa. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *