Indlela ibheke kuMiss Teen Globe kunobuhle (12) owola izicoco
MBALI MPONTSHANE
USEBHEKE ukwenza into yamehlo, ahambe ibanga elide emncintinswaneni amele iKwaZulu-Natali kuwona unobuhle osemncane ongomunye wabazoqhuthana amazenze kuMiss Teen Globe South Afrika wakulo nyaka.
Lowo wu-Emihle Mthembu (12) waseMseleni, eMbazwana, enyakatho yaseKZN, intombazanyana eyenza kahle kulo mkhakha wokumodela eqale ukungena kuwona isaneminyaka emine, yagalela kwezakala iwola inqwaba yezicoco.
Phakathi kwezicoco esezinqotshwe yile ntombazanyana efunda uGrade 6 eSodwana Bay Private School, kukhona esikaMiss Heritage Pre-Teen, uMiss Umhlabuyalingana Junior Queen, uMiss Prestigious KZN 2024 noMiss Tolder ECD ukukha phezulu.
Lo nobuhle futhi owumlingisi enkampanini yabalingisi iBecky Casting Agency, uthe: “Ngikhuthaza ontanga bami ukukhuthalela ukwenza imisebenzi efuze engiyenzayo, bakhuthalele ukuzibandakanye kwezemidlalo namakhono abo ehlukene ukusiza ukugwema ukugcina benza izinto eziningi ezingalungile, nezingenza bangayi ndawo empilweni.”
Ephetha, unxuse abantu ukumeseka kulo mncintiswano awungenele kulo nyaka, bamxhase nganoma yini esuka othandweni ukusiza ukuthi amele iKZN ngendlela afisa ngayo.
Sengathi uNkulunkulu angaba nawe sisi