Kuzohlaluka ubungozi bezimfihlo emdlalweni Isiphetho: Destiny
UBUNGOZI bokufihla izinto ezenzeka ebuncaneni nokuthi loko kunamphumela muni uma usumdala, ngenye yezinto ezizogqanyiswa wumdlalo omusha wakwi-etv Isiphetho: Destiny, oqala ngoMsombuluko ngo-6:30 ntambama.
Loko kuvele esitatimendeni sabezindaba esikhishwe yinkampani ekhiqize lomdlalo iBlack Brain Pictures, lapho idalule khona ukuthi lomdlalo uzinze engxenyeni yelokishini iSoweto eMzihlophe, eGoli, eGauteng.
“Lo mdlalo ungempilo yabangani abane abagcine imfihlo yabakwenza eminyakeni eminingi edlule, okuthi sebebadala babuyele eMzimhlophe ukuqhubeka nempilo yabo, bafeze amaphupho abo,” kusho isitatimende seBlack Brain.
Siqhuba (isitatimende) sithe laba bangani baqala impilo kabusha, bavule ibhizinisi lendawo yokudlela elokishini. “Emzamweni abayenzayo ukuqhuba impilo nokuzama ukuphumelela babhekana nenselelo yemfihlo yabo nezitha zabo zakudala.”
Umqondisi jikelele walo mdlalo uMandla N uthe: “Sesijahe kabi ukubona ababukeli bejabulela lomdlalo, futhi bethokozela ukubona ithalente elimangalisayo labalingisi abasha nabanamava esibadidiyele emdlalweni ukuwenza uhlabahlose.”

Umdidiyeli jikelele weBlack Brain Pictures uMpumelelo Nhlapo yena uthe: “Sikholwa wukuthi lomdlalo uzothandwa yiwo wonke umuntu, omdala nomncane. Indlela okudidiyelwe (umdlalo) ngayo izokwenza ababukeli bahlabeke umxhwele.”

Isiphetho: Destiny sigabe ngabalingisi abaqavile oLinda Sokhulu owuBlondie, uGugu Gumede owuConnie, uPeter Mashigo owuJustice, uPastor Mjosty Mbhele owuZwelakhe, uThulani Mtsweni owuMkhapheni, uKope Makgae owuMosa, uMbali Mavimbela owuBuhle, uTsholofelo Maseko owuPortia no-Upile Bongo owuNtando.
Kubalingisi abasha abazogqanyiwa yilo mdlalo kukhona uSibusiso Sithole owuNkosana, uNoxolo Shabalala owuVivian, uSphiwe Sithole owuSihle, uBanele Zulu owuJabu, uNokuthula owuKholekile, uShibu Molomo owuNkele, uRebecca Moshoeu owuKoko, uLindani Mhlongo owuDlangamandla noJabulani Masilela owuNduna.