Bazoqhuba umgubho wePhasika ngomculo nentshumayelo
IQEMBU lomculo we-opera i-The Zulu Kingdom ishaya ibuya ihlandla lesibili ngomcimbi walo waminyaka yonke i-Songs and Hymns, onhloso yawo wukugubha umKhosi wePhasika ngomculo nezintshumayelo.
Umcimbi walo nyaka uzoba kusasa ePlayhouse, eThekwini, ngo-5 ntambama, kanti amathikithi okuwubuka asatholakala eWebtickts nasePick n’ Pay ngoR100 kuya kuR350 umuntu emunye.
Umgqgquzeli womcimbi uSibonelo Mkhize, uthe abahlosile ukwenza inzuzo kuphela ngawo, kepha bafuna nokunika abantu abasha namaciko ithuba lokugqamisa amakhono abo ehlukene obuciko.
Uthe: Kwi-Songs and Hymns yalo nyaka sizoqhubeka sigubhe umKhosi wePhasika ngomculo, amahubo, yindumiso futhi kushunyayelwe ngamazwi ayisikhombisa ayeshiwo wuJesu mhla ebethelwa esiphambanweni, ngabefundisi bamabandla ehlukene.”
Emcimbini kuzonandisa amaciko ehlukene okukhona kuwo u-Ayanda Ntanzi, uSphumelele Mbambo, uLondiwe KaMasondo Cele, uNontobeko Bhengu, uMpume Hlabisa, uNosisa Dlamini noZamokwakhe Zungu.
UMkhize udalule nokuthi leli kwaya elasungulwa wuSimphiwe Bulose ngo-2020, lizoqhubeka lihlele futhi lenze eminye imicimbi yalo elaziwa ngayo iRainbow Celebration Concert ne-Unity & Social Cohesion Concert.