UMsaki noNyovest batusa ubukhulu bukaMdali “emSeni kaMoh”
ISITHANDWA sabalandeli be-Afro pop uNomfundo Moh ukhiphe ingoma ethi Umusa, ukubabaza ubukhulu bamandla kaNkulunkulu futhi amtuse ngakho konke akuhle asemenzele khona empilweni yakhe.
Engxoxweni noMAKA Magazine izolo emini, uthe ukuqonda ukuthi akuyena yedwa onezinto afisa ukubonga uNkulunkulu ngazo, kwenze wapika uMsaki noCassper Nyovest kule ngoma ephume namhlanje, ukuthi nabo basho abakwaziyo ngamandla oMdali.
“Nokuthi bese kuyisikhathi eside ngifisa ukusebenza noMsaki, yingakho yize besiqonda ukuthi usathathe ikhefu kwezomculo, kodwa mina nethimba engisebenza nalo senza isiqiniseko sokumthola, senza ingoma eyodwa naye,” kusho uNomfundo Moh.
Uveze nokuthi le ngoma yase iphelile, esebenze noMsaki kuphela kuyona – kodwa babona kukhona into eshodayo kuyona. “Yingakho sinqume ukwengeza uCassper (Nyovest) ngoba sikholwa wukuthi kukhona angakusho ngomusa kaNkulunkulu, ikakhulu ngoba usanda kuveza ukuthi usehamba ngezimiso zokukholwa.”
Le ngoma yaqoshwa ngoJanuwari wonyaka odlule, kanti iphrojuswe wuRuff we-1020 Cartel noNaxion Cross osephrojuse inqwaba yezingoma zikaNomfundo Moh, kubalwa nadume ngayo emculweni iPhakade Lami, ayishaya no-Ami Faku noShaSha.
“Umusa yingoma esitusa ngayo uNkulunkulu nanoma yini futhi noma wubani umuntu nomuntu akholwa wukuthi kuneqhaza okulibambile ukumbeka lapho ekhona empilweni, ngoba singabantu sikholelwa ezintweni ezahlukene,” kulanda uNomfundo Moh.
Le ntokazi edabuka eNtaphuka, eNdwedwe, KwaZulu-Natali, ithe emva kokukhipha u-video yale ngoma, izolandelisa ngenye ethi Umuntu Wami, epike uZuko kuyona – bese ibheka ukuthi zenza kanjani emakethe andukuba ilandelise ngomculo omningi.
Khonamanjalo uNomfundo Moh ungomunye wabaculi abaqokwe kumaMetro Awards emnxeni i-Best African Pop Album, nge-albhamu yakhe yesibili ephume ngonyaka odlule esihloko sithi Ugcobo.