Ezosomabhizinisi

Kuzocetshiswa abesifazane ngolwazi lokuqala amabhizinisi

UKHUZA ibuya ihlandla lesithathu umcimbi oyisigcawu esivuleleke kwabesifazane kuphela ukubacobelela ngolwazi lokuqala nokufukula amabhizinisi abo iWomen Welcoming Entrepreneurship, ozoba seLIMEROOFTOP, eMhlanga, eThekwini ngoMgqibelo ngo-9:30 ekuseni.

UNksz uNothando Ndlovu weStayUp Communications ehlela lo mcimbi, uthe okwenze babuya nawo okwesithathu emva kokuwenza kabili ngonyaka odlule, wukufuna ukuqhubeka bakhuthaze abantu besifazane ukuqala amabhizinisi nokwesekana kuwona.

U-APHELELE NDAMASE

“Loku sikwenza ngoba sikholwa wukuthi ukuthuthukisa abantu besifazane akukho ngokusungula amabhizinisi aphumelelayo kuphela, kepha kungokutshala usiko lokwesekana nokucobelela ulwazi kwasebephambili kwezamabhizinisi,” kusho yena.

UNCAMISILE NDLOVU

Eqhuba, uthe umcimbi wakhe uzobe ugabe ngezikhulumi ezahlukene zabesifazane bodwa abenza ezibukwayo kwezamabhizinisi oNksz u-Aphelele Ndamase, wuBillionaire Koekie, uNksz uNcamisile Ndlovu, uNksz uSinegugu Ngcobo noBianca Dlamini (ozobe ephethe uhlelo lomcimbi).

UNksz uNdlovu uthe emcimbini kuzodingidwa izinhloko ezahlukene kubalwa ukubalukeka kokugcina imithetho elawula ukuphatha amabhizinisi, ukwenza into oyithandayo ikusebenzele ebhizinisini, wokudingeka ukwenze ukugcina umqondo wakho ulungele ibhizinisi nokuphatha imali kahle.

UBILLIONAIRE KOEKIE

Ukungena emcimbini kubiza uR300 umuntu emunye, kanti abafisa ukuba khona kuwona nabadinga eminye imininingwane bangaxhumana noNksz uNdlovu ku: 079 029 3168. 

UBIANCA Dlamini

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *