UBig Zulu ubungaza impumelelo yomculo nge”Scongo”
UKUTHAKASELWA komculo wakhe ngabantu selokhu aqala ukugqama kwezomculo nge-albhamu yakhe yokuqala yango-2019, ngesinye sezizathu ezenze wakhipha i-albhamu yesithathu ukujabulela impumelelo yakhe yobuciko.
Umprepha nomphathi wesitebele somculo iNkabi Records, uBig Zulu okhiphe i-albhamu esihloko sithi Ngisescongweni, ephume ngoLwesithathu olwedlule – nengeyesithathu, yelama eyango-2019 Ungqongqoshe Wongqongqoshe neyango-2021 Ichwane Lenyoka.
Engxoxweni noMAKA Magazine ngale albhamu enezingoma eziwu-14, uBig Zulu ogama lakhe lokuzalwa wuSiyabonga Nene, uthe ubone ukuthi bese kuyisikhathi eside ngokwanele agcina ukukhipha umculo owanele oqondene naye ngqo.
“Ngiyazi ukuthi ngonyaka odlule sikhiphe i-albhamu yeZinkabi Zezwe Ukhamba, engibambisene noSjava kuyona, kodwa ngibone sekufanele ngikhiphe umculo wami, ngibungaze impumelelo yami yomculo ngoba sekuyisikhathi eside ngizikhandella ukufika lapho engikhona manje ngomculo,” usho kanje.
Kule albhamu ephrojuswe wuXowla yonke, uBig Zulu upike uMfoka Msezane, Inkabi Nations, uZakwe, uMnqobi Yazo, UGatsheni, uMlindo The Vocalist noMakhadzi (ezingomeni ezimbili).
Uthe: “Nakuba ngingeke ngakhethela abantu ukuthi bathande ziphi izingoma kule albhamu ngoba umuntu nomuntu uthanda into ehlukene, kodwa mina ngithanda kakhulu ethi Kade Ngikhala nethi Ayina Cala Ingane (engiyishaya noMakhadzi).”
Ephetha, uthe nakuba kungelula ukucula futhi abhekelele injabulo yabaculi abaphethe (oXowla, uLwah Ndlunkulu, uMduduzi Ncube noSiya Ntuli), kodwa ugculisekile ngendlela umsebenzi ohamba kahle ngayo okwamanje.
Khonamanjalo, uBig Zulu uqokwe amahlandla amane kumaMetro Awards, nge-albhamu yeziNkabi Zezwe emkhakheni weBest Produced Album, iBest Collaboration ngengoma Umbayimbayi, iBest African Pop neBest Duo/Group.