Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

Ufeze isifiso sabalandeli ekhipha uMoyongcwele

UMCULI we-soul uNontokozo Mkhize uthi izicelo zabalandeli bomculo wakhe, benxusa ukuthi akhiphe i-cover yengoma kaBenjamin Dube, okwasabalala i-video yayo eyicula ezinkundleni zokuxhumana ngonyaka odlule, kwenze wenza lengoma kabusha, wayikhipha isiyisihloko esisha esithi Moyongcwele.

Le ntokazi yodumo lengoma kaSjava ethi Thixo neyayo ethi Lu Strong, eyishaya noNomfundo Moh, ikhiphe le ngoma ngoMsombuluko, kanti ibukeka iza kahle njengoba ingezinye zezingoma ezilalelwa kakhulu ezitolo ezahlukene zomculo okwamanje. 

“Ngiqale ukusebenza kule ngoma ngoSepthemba wonyaka odlule, sashintsha izingxenye ezithile zayo, saguqula nezinhlamvu lapho nalapho ukwenza ukuthi ingafani ncamashi nekaBenjamin Dube, njengoba iphume isinjena manje,” kusho yena.

Uthe ingoma uyiqophe eGoli, ebambisene noJoy odlala u-piano, uTMR Mthembu omlekelele ukuyiguqula, yehluke kunekaDube noNaxion Cross oyiphrojusile.

“Ngisebenze noJoy noTMR ukuqinisekisa ukuthi ingoma iyehluka, inganciki kakhulu kwiBow Down, sazinika isikhathi esanele ukwenza ibe yilokhu eyikhona, njengoba ize iphuma manje sibe saqala ukuyenza ngonyaka odlule,” kusho uNontokozo. 

Udalule nokuthi le ngoma ingeyokuqala ezingomeni ezintathu azokwendlalela ngazo i-albhamu yakhe yokuqala ezophuma kulo nyaka, aveze ukuthi usebenze noStarr Healer, uThando Zide, uJessica LM, uDudu Makhoba noMzukulu kuyona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *