Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Ukhuthaza ukunaka amakhono ngengoma eveza izinselelo zemfundo

OLWETHU MTHIYANE

ISITHANDWA sabalandeli bama-piano u-Aymos ukhiphe ingoma ethi Esgela, ukukhuthaza abantu abasha ukunganciki emfundweni kuphela, kepha bathuntuthe amakhono abo ukusiza ukuhlomela ikusasa.

Kule ngoma ephume emasontweni amabili edlule, apike kuyona uKabza De Small no-Eemoh, u-Aymos uthe ukhuluma ngokukhathazeka kwakhe ngokumba eqolo kwemfundo, nokwanda kwesibalo sabantu abasha abafundile kodwa abangawutholi umsebenzi abawufundele.

Engxoxweni noMAKA Magazine uthe: “Kule ngoma ngiveza ukuthi ngisafunda kwakungalungi ezifundweni, kodwa ngigqamile esikoleni ngekhono lami lokucula. Ngaloko ngizama ukukhuthaza abafundi abanjengami ukungalilahli ithemba empilweni.”

Uveze nokuthi le ngoma, eyelama ethandwa kakhulu ethi Izenzo ayishaya noBassie, wendlalela ngayo i-albhamu yakhe ezophuma ngasekupheleni kwa-Ephreli; azobe epike kuyona amaciko okukhona kuwo uSjava, uMas Musiq, uMnqobi Yazo, uNkosazana Daughter neMurumba Pitch ukukha phezulu. 

U-Aymos, ogama lakhe lokuzalwa wuBabili Shili, uzakhele udumo kwezomculo ngengoma yeScorpion Kings ethi Emcimbini neSengizwile kaMas Musiq.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *