Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

‘Ubuncane bomholo’ kuhambise uPenny kwiGagasi

ESINYE sezithandwa zabalaleli beGagasi FM uPenny Ntuli usedalule ukuthi umholo kaR2 800 obubekwe ngabaphathi balo msakazo ukumholela wona kusuka ngenyanga ezayo, awubona umncane futhi ungamfanele, yisona sizathu esenze wanquma ukungayisayini inkontileka entsha abenikwa yona.

UPenny, owaziwa ngamancoko ekhasini lakhe leFacebook elinabalandeli abangaphezu kwa-1 milion, uqinisekise lezi zindaba namhlanje ekuseni, kulandela imibiko yamaphephandaba yangesonto elidlule edalule ukuthi uyashiya kulo msakazo afike kuwona ngo-2022.

Ubhale wathi: “Yiqiniso ukuthi ngiyashiya emsebenzini. Bese kuyisikhathi sokuvuselela izinkontileka, nganikwa ithuba lesizini entsha, nami ngavuma uhlelo olusha ebenginikwa lona. Ngitshelwe ukuthi ngizohola uR2 800 ngenyanga, umholo ongahlukile kangako kwebengiwuhola kule minyaka emibili edlule. Ngizizwe ngidelelekile ngoba ngaleyo mali bengingeke ngikwazi ukwenza lutho ukuziphilisa.”

Eqhuba, uthe uzamiile ukubonisana nabaphathi bakhe ukuthi bakhuphule kancane umholo wakhe, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya – kunaloko omunye wabaphathi bakhe (amdalule ngegama), wabeka umbono wokuthi enze eminye imisebenzi, hhayi ukusakaza.

“Angiyekanga ngoba kukhona okungcono engikutholile futhi hhayi ngoba bengingasathandi ukusebenza, kodwa ngicele ukuthi bangayivuseleli inkontileka yami ukuze ngizame amathuba angcono kwenye indawo. Ngiyabonga kakhulu kwiGagasi FM ngethuba abangiphe lona,” kusho uPenny.

Lo msakazi owaziwa nangokuphatha izinhlelo zemicimbi, ufike kwiGagasi FM ngo-2022 esuka kwiNanda FM, kanti ushiya nje ubethula uhlelo lomculo iCTM Urban Music noHeazy, kanti uke wasebenza kwiDYR neVibe FM.

Kuthintwa okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu uthe akukho abazokusho manje ngalolu daba, ngenxa yokuthi uPenny udalule nemininingwane eyimfihlo yokusebenzisana kwakhe nabo.

“Engikuqinisekisayo nje wukuthi okuningi kuzohlaluka ngoLwesithathu uma sesimemezela izinguquko ezizokwenzeka emsakazweni,” kusho uKhulekani.

One thought on “‘Ubuncane bomholo’ kuhambise uPenny kwiGagasi

  • You did well Penny. We should not settle for mediocrity

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *