Udumo luza ngemuva kocija izingane ukulingisa
UKUSEBENZA nezingane ezincane emsebenzini awenzayo wokuzicija nokuzicathulisa ngokulingisa, ngezinye zezinto ezigqugquzele umlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini ukufisa ukuqhubeka ukuzisiza ukungena kule ndima, zigqame njengabanye abalingisi abaziwayo.
Lowo wu-Andile Vilakazi (28), ongelinye lamaciko asohlwini lwamaciko asohlelweni oluxhaswe wumNyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, oluqhubeka eKCAP, KwaMashu, lapho naye afundiswe khona ukulingisa ngo-2021.
Engxoxweni abe nayo noMAKA Magazine izolo ntambama, uthe nakuba ekuqonda ukuthi abanye abalingani bakhe bashisekela kakhulu ukugqama kwithelevishini, into naye ayifisayo, kodwa ubabele ukusiza nezingane ezincane ukungena endimeni.
Uthe: “Enye yezinto engizifisa kakhulu wukuqhubeka ngifundise izingane ezincane ukuba ngabalingisi, ngizisize ukuchuma kule ndima bese ngiqhubeka ngibhale imidlalo yeshashalazi neyethelevishini, ukuchumisa mina nabazolingisa kuyona.”
Elandisa ngokungena kwezokulingisa, uthe yinto angakhulanga eyiphupha, kepha wakhuthazwa wumngani wakhe uThulisile Dlamini ukuzama inhlanhla, kanti kuzoba nezigcawu zokufundisa ngokulingisa ngakubo eMgungundlovu, okwathi angahambela zona izinyanga ezintathu, akangabe esabheka neze emuva kule ndima.
Uqede eKCAP, waqhubekela ePlayhouse, eThekwini ngo-2022, ukwandisa ulwazi lwakhe ngalo mkhakha – kanti useke wavela kancane kuZalo, walingisa kwifilimu ethi Trapped, nasemidlalweni yeshashalazi i-My Belongings neNandi: The Musical.
“Akulula neze ukwenza konke loku, kudinga ukusebenza kanzima nokuzimisela, nokuthi mina ngisizwa wulwazi lwengakufundiswa eKCAP nasePlayhouse ukukwazi ukwenza into efunekayo emidlalweni eyahlukene esengilingise kuyona,” kusho u-Andile.
Uphethe ngokuthi kune-movie asanda kuqeda ukuqopha kuyona ye-Apple Media Productions ethi I’m Not Next, lapho alingisa khona indawo kaSbahle, futhi usebenze kuyona noSibongiseni Shezi woZalo noVuyo Biyela weSibongile & The Dlaminis.