Akube nezindlela zokuthuthukisa abasakazi ezingale kwemisakazo emikhulu
IMISAKAZO eyahlukene isiqalile ukwethula izinhlelo zayo ezintsha nezinguquko ezozenza ezinhlelweni zayo okuzoqala mhla ka-1 Ephreli njengoba kuhlale kwenzeka njalo ngalesi sikhathi minyaka yonke ngokwehlukana kwemisakazo.
Okuqaphelekayo nokho wukuthi nakuba imisakazo ikakhulu emikhulu, okuyiyo ehlale ibhekwe ngabomvu ngalesi sikhathi, ayenzi zinguquko ezitheni kunalokho ishintshanisa abasakazi ezinhlelweni, bese iguqula nje lapho nalapho. Akunalutho olutheni.
Ngelinye ilanga ngiiyongena ngigxile ngengikucabanga ngaloko, kodwa kulokhu ngifuna ukugxila kakhulu ekutheni kububeka imisakazo eminingi emikhulu nelalelwa ngabalaleli abaningi ingasakukhuthaleli ukuvulela ithuba abasakazi bemisakazo yomphakathi.
Loko kubukeka kubakhathaza kakhulu abasakazi abasebasha bemisakazo yomphakathi ngoba yinto eyaziwayo ukuthi iningi labo lifisa ukungena kule misakazo elalelwa kakhulu ngenhloso yokukhula nokuzakhela igama kule ndima.
Ingxoxo engibe nayo nomunye wabahlobo bami izolo emini, yenze nganaka into ebengingakaze ngiyicabange. Kuthe sixoxa, le nsiswa yangenzela umzekelo wokuthi nakwithelevishini bekunje phambilini, kodwa ngokwanda kwezinhlelo ezikhiqiza imidlalo yethelevishini, kwaya ngokuya kuba ngcono njengoba loko kuvula ithuba lokugqama kubalingisi abehlukene ngenxa yokwanda kwemisebenzi endimeni yezokulingisa.
Le nto yenze ngafikelwa wumcabango wokuthi mhlawumbe kungasiza ukuthi kube nezindlela zokuthuthukisa imisakazo yomphakathi nethathwa ngokuthi mincane, yenziwe ibe sezingeni elizokwenza abayisakazelayo bangafisi ukushiya kuyona.
Enye yezindlela okungenziwa ngayo loko wukuthuthukisa ingqalasizinda yayo, kufakwe imali yokuyifukula bese kwenziwa ukuthi izwakale ezindaweni eziningi noma ezweni lonke njengeminye imisakazo emikhulu nehlonishwayo ukuze kwande ukuncintisana.
Okunye okumqoka okumele kwenzeke wukuthi abasakazi bemisakazo yomphakathi baholelwe ngendlela egculisayo ukusiza ukugwema ukuthi bonke bafise ukusebenza oKhozini FM, kwiMetro FM, iGagasi FM, iVuma FM neminye ukuthola amadlelo aluhlaza.
Sengiphetha, ngikhuthaza bonke abasakazi beziteshi zomphakathi ukungapheli moya uma kungakafezeki abazifisela kona kule ndima, futhi abakhuthalele imfundo bese bethuthukisa amanye amakhono abanawo ukuze impilo iqhubeke.
WENA UBONA KANJANI?