Utusa udadewabo ‘ongasekho’ ochuma ngebhizinisi likaphaya
MBALI MPONTSHANE
UKHULE edayisa ama-snack esafunda emabangeni aphansi, nokho kuyinto abenganakile ukuthi ingakha uthando lwezamabhizinisi kuyena, ekwenza nje ngoba kuyinto acelwe ekhaya ukuyenza esikoleni.
Kuthe esekhulile wasondelana kakhulu nodadewabo omdala ongasekho emhlabeni, emdayisela amakhekhe ayewabhaka. Lwakheke kanjalo uthando lwebhizinisi kuNksz uMbalenhle Sikhosana, osenebhizinisi lophaya iNUZ Tasty Pie.

Elandisa ngebhizinisi lakhe eliqale ngo-2023, uNksz uSikhosana (25), waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, uthe: “Emva kokuphothula uMatikuletsheni Ogwini Comprehensive Technical High, ngizwane kakhulu nodadewethu ongasekho, ngimlekelela ukudayisa amakhekhe abewadayisa, ngafunda ukubhaka kuyena.”
Uthi bekunzima kakhulu esanda kuqala ibhizinisi lakhe ngenxa yokuthi ubesebenzisa istofu sakwamakhelwane ukwenza uphaya awudayisayo, futhi engasitholi kahle isikhathi sokuphumula ngoba abantu bewufuna noma yinini uphaya wakhe.
“Inselelo enkulu engibhekene nayo manje wukushoda kwezinsizakusebenza okwenza ibhizinisi lami lingachumi ngoba angikhoni ukwenza umkhiqizo omningi ngendlela engiyifisayo,” kusho uNksz uSikhosana owenza iBCom in Entrepreneurship e-UNISA.
Ephetha, uthe ufisa ukuthola abantu noma izindlela zokuxhasa ibhizinisi lakhe ukuze lidlondlobale, ligcine linezitolo okutholakala umkhiqizo wakhe kuzona.