Wena Ubona Kanjani?

I-DUT ayinantanga ngokukhiqiza abalingisi bezinga eliphezulu

LO MKHUBA wami wokuhlale ngibamba ngiyeka wenza ngigcine ngikhohlwa ezinye izinto engisuke ngihlele ukuzenza. Enye yalezo zinto yindikimba yengizobhala ngakho engosini yanamhlanje, into okufanele ngabe kudala ngayenza. 

Ngingenisa kanjena nje ngiya ekutheni ngenxa yokuthi ngiwumuntu oqaphelayo nozihluphayo ngolwazi lwezinto abanye abantu abangazinaki, sengiqaphele ukuthi imidlalo eminingi yethelevishini igabe ngabalingisi abakhiqizwe yiDurban University of Technology. Imbalwa uma ikhona imidlalo engenayo umlingisi ophekwe yiDUT.

Laba balingisi abagcwele mahhala nje kule midlalo abalingisa kuyona, kodwa bashaya into ecokeme, loko okufakazelwa wukuthi ingxenye yabo iphuma ingena emidlalweni emikhulu ehlukene ekhonjiswa eziteshini ezahlukene zethelevishini.

Loko kucacisa ngokusobala ukuthi ikhona into ehlukile eyenziwa yiDUT ukucija lamaciko aphuma kulesi sikhungo esiseThekwini, abe yizibabuli zabalingisi ababangwa yimidlalo emidala nemisha yethelevishini, futhi abaconsi phansi nakubabukeli bayo.

Baningi kakhulu abalingisi bezinga eliphezulu abadlule ezandleni zeDUT, kangangokuthi kungaphela isikhala, kushone nelanga uma ngingazama ukubabala bonke, kodwa ngizokha phezulu nje ukuze uyibone le nto engiyishoyo.

Phakathi kwezibabuli zabalingisi abacijwe yiDUT ngingabala uXoli Zondi, uSphelele Mzimela, uDawn Thandeka King, uNthati Moshesh, uNtokozo Mzulwini, uSthandwa Nzuza, uLinda Nxumalo, uSiza KaMnisi Mthembu, uNtando Mncube, uMenzi Mkhwane, u-Anita Ngobeni, uThobani Nzuza, uThembinkosi Mthembu, uWiseman Mncube, u-Omega Mncube, uNkonzo Zozi, uSiyabonga Shibe, uKwenzokuhle Ngcobo, uSdumo Mtshali, uSiyabonga Radebe, uThandanani Qwabe, uZonke Mchunu, uSfundo Maphumulo, uVuyo Biyela, uNkululeko Ngayo, u-Ayanda Nxumalo, uZenzele Mazibuko, uGabriel Miya, uLuthando Mngomezulu, uZama Ngcobo noBonga Dlamini. 

Kungakuhle ukuthi nezinye izikhungo zakuleli zwe ezicija abalingisi zisike iphethini kwiDUT, zizihluphe ngokucobelela ulwazi lokuthi yenza ngani ukukhiqiza abalingisi abaningi kangaka, okuthi bangadlula ezandleni zayo bangawesweli umsebenzi.

WENA UBONA KANJANI?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *