USiya Ntuli ukhumbuza izinsizwa ‘ngokweshela’ engomeni
OLWETHU MTHIYANE
UKUKHATHAZWA yindlela izinsizwa esezenza ngayo esikhathini samanje uma ziqomisa, kwenze waqopha ingoma evuselela nekhumbuzisa ngokuthi intombi yayiqonyiswa kanjani kudala ukuze ichazeke, iqome.
Umculi we-afro pop uSiyabonga ‘uSiya’ Ntuli, oqopha ngaphansi kweNkabi Records, kusasa uzokhipha ingoma ethi Umbuzo Owodwa, apike kuyona iciko laseLimpopo uMakhadzi.
“Bekungikhathaza kakhulu ukubona nokuzwa indlela izinsizwa esezenza ngayo uma ziqomisa izintombi, ngase ngihlanganisa lengoma ukuveza nokuqhakambisa ubumnandi bokweshela intombi. Yonke into iphelela ocingweni manje, abantu abasaqomisani ngendlela okwakwenziwa ngayo kudala,” kusho uSiya Ntuli.
Leli ciko elidabuka eMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natali, nelijoyine Inkabi Records ngo-2021, lithe lithemba ukuthi abantu bazoyithakasela kakhulu le ngoma, okuzosiza ukuyikhuthaza ukuthi likhiphe i-albhamu yalo yokuqala ungakapheli lonyaka.
Ubonge uBig Zulu, uXowla, uMadumane noMakhadzi (ayekade efisa ukusebenza naye) ngokumsiza ukuhlanganisa le ngoma kube yimpumelelo.
Ngale kwale ngoma, uSiya Ntuli unengoma ethi Ama-Out nethi Ziyoshelwa (azibula ngayo) efika eNkabi Records, kanti ungelinye lamaciko abambe iqhaza elikhulu ukubhala nokucula izingoma ezahlukene nabalingani bakhe beNkabi Records.