RA-THA-THA!!! Ndlelanhle Macingwane!
ELAYIZOLO lishone sekumuncu kubalandeli bomsakazo ikakhulu abalaleli besikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, silala ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kwesithandwa sabalaleli balo msakazo uBheka ‘uBeekay’ Mchunu.
Abalaleli boKhozi FM bazovumelana nami kwelokuthi uBeekay, obedume ngetemu elithi Rathatha uma esesakaza, ubenekhono elimangalisayo lokusakaza futhi enendlela yakhe yokwenza umlaleli afise ukungaphuthwa wuhlelo lwakhe.
Ukuzikhandla kwakhe oKhozini kuthele izithelo ezibonakalayo njengoba enikwe ithuba lokushayela izinhlelo ezahlukene engingabala kuzo iSibhukuda Kwesimanzonzo, yiKanye Nawe nagcine ukuzwakala kulo emoyeni iSgiya Ngengoma.
Ngiyakhumbula ukuthi ngiqale ukumthanda nokumlandela ngenkathi esangena phakathi kwamabili ohlelweni olwalunengosi yokufunda izincwadi, ayebambisene kulona nomngani wakhe omkhulu uLungisani Mavundla wodumo lwencwadi Unyaka Wesithembiso.
Ngiyazi ukuthi asilimele sodwa singabalaleli nabathandi bomsakazo ngokuhamba kukaBeekay, yingakho ngikhalisan noMavundla nabalingani bakhe emsakazweni oKhathide ‘uTshath’ Ugodo’ Ngobe, uZimiphi ‘uZimdollar’ Biyela, uSipho ‘uDJ Sgqemeza’ Mbatha, uBingelela Mpanza nabanye abasakazi asebenze nabo ezinhlelweni ezahlukene zomsakazo.
Kubuhlungu ukulahlekelwa ngabasakazi anekhono elimangalisayo njengoBeekay, ikakhulu njengoba ebengagcini ngokusakaza oKhozini FM; kepha ubenekhono elibabazekayo lokuphatha izinhlelo zemicimbi ezahlukene ikakhulu eyomculo wesintu.
Ngiyazi futhi ukuthi ubeyikhathalele kangakanani imfundo njengoba ebenesikhungo esisiza abafundi ukulungisa izifundo zabo zoMatikuletsheni iKZN Matric Excellence.
Ukudlula kwalo msakazi odabuka Empangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natali, kufane nokuthela upelepele esilondeni njengoba kusanda kudlula emhlabeni owayewumfundi wezindaba khona oKhozini uJoe Maruping, kanti futhi akusikhathi esingakanani kwashona owayewumethuli wezemidlalo kuwona lo msakazo u-Irvin Sihlophe.
Kuwo wonke umuntu osebenze noBeekay, obazana naye ikakhulu umndeni wakhe; ngithi duduzekani, bese kuyisikhathi. Intando kaNkulunkulu ibuhlungu kwesinye isikhathi. RA-THA-THA!!!
WENA UBONA KANJANI?