Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

U-Vernotile ‘ukhulekela’ ababhinjelwa yizinto nge’Mdali’

EMPILWENI kunesikhathi lapho kubheda izinto khona kangangokuthi abanye abantu balahlekelwa yithemba lempilo engcono, abanye baze basole uNkulunkulu imbala ‘ngokubamba utalagu kwabo’ ohambweni lwabo ‘lakwampumelelo’.

Wukuqaphela loko ngempilo okwenze umculi we-afro pop uVernotile waqopha ingoma esihloko sithi Mdlali Wami, ezoqala ukutholakala ezitolo ezidayisa umculo ngoLwesihlanu lwamhla ka-22 Mashi.

U-Vernotile (24), waseNanda, enyakatho yaseThekwini, ogama lakhe lokuzalwa wuNokwanda Cebekhulu, uthe le ngoma, ephrojuswe wuMpho.Wav, iwumthandazo wokucelela abantu ‘impilo engcono’ kuNkulunkulu.

“Imizamo yami iphelel’ ezeni. Ngithembele kuwe, ngithembele kuwe, nginxusa wena Nkosi yami! Oh, Mdali wami, ngicel’ ukhanyis’ indlela yami. Isibani sakho sihlal’ eduze nami, sihlal’ eduze nami, uhlal’ eduze nami, ube nami,” kusho ingxenye yezinhlamvu zale ngoma.

Exoxa noMAKA Magazine ngayo (ingoma) uVernotile uthe: “Angisakhumbuli kahle ukuthi siyiqophe nini, kuphakathi kwa-2021 no-2022. Ayiqondene nami ngqo, kodwa iwumuzwa ebenginawo ngalesosikhathi wokucela ukukhanyiselwa indlela, ngoba baningi abantu ababhekana nezimo ezenza bazizwe kanjalo empilweni.”

Le ntokazi ayifiki manje emculweni njengoba isisebenze namaciko ehlukene esingabala kuwona uSjava, uSun-El Musician, uZaba, uMdoovar, uNobuhle noMBzet aseqophe izingoma eziningi naye, kubalwa nethi Lights ephume ngenyanga edlule.

Mayelana nezinhlelo zengomuso, uVernotile uthe uhlela ukuqhubeka akhiphe umculo azokwendlalela ngawo i-EP yakhe ahlela ukuyikhipha ngasekupheleni konyaka. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *