Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

I-African Bank imi ngomumo ngomcimbi weJoyous

I-AFRICAN Bank ithi akukho okuzophazamisa umcimbi wokuqopha bukhoma i-albhamu yesi-28 yeqembu le-gospel iJoyous Celebration, ozoba se-ICC, eThekwini ngoMashi 30 no-31 ngo-7:30 no-6 kusihlwa ngokwehlukana kwezinsuku zomcimbi. 

Esitatimendeni esikhiphele abezindaba namhlanje ekuseni, i-African Bank ithe ijabule kakhulu ngokuthi nakulo nyaka izoxhasa umcimbi waleli qembu eliyintandokazi kubathandi bomculo ezweni.

Emcimbini walo nyaka kulindeleke ukuthi iJoyous, eholwa wuDkt uLindelani Mkhize noJabu Hlongwane, iqhulule amanoni ayo amasha okholo, axutshwe nesintu nazolapha abantu emphefumulweni njengenhlalayenza.

Inhloko yophiko lokumaketha e-African Bank uSbusiso Khumalo ithe: “Ukusebenzisana kwethu neJoyous kukhombisa ukuzimisela kwethu ukugqugquzela ukubambisana emphakathini nokujabulela amasiko ehlukene esisigqajayo ngawo.”

“Ummongo weJoyous Celebration uhambisana kakhulu nathi, njengoba kusemkhondweni wethu ukuqhakambisa amagugu nezinkolelo zabantu okwehlukene ngokulingananyo, bese senza umehluko emphakathini. Njengoba siyibhange labantu, kusemqoka kithi ukwenza umehluko obonakalo ebantwini,” kusho uKhumalo.

Amathikithi emicimbi yomibili yeJoyous ngokwehlukana kwayo, aseyatholakala ngoR200 kuya kuR450 eWebtickets nasePick n’ Pay. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *