USizwe Sibisi angangena kamnandi noNjabs Zwane
AYIKHO into engijabulisa njengokuzwa abasakazi abashayela izinhlelo ezinganakakekile, ezingena ebusuku nangezimpelasonto lapho abantu abaningi bengaziniki isikhathi sokulalela umsakazo njengaphakthi nezinsuku, beshaya into ecokeme ezinhlelweni zabo.
Omunye walabo basakazi abangihlaba umxhwele ngomsebenzi omuhle abawenzayo okwamanje wuSizwe Sibisi oshayela i-Weekends with Sizwe Sibisi njalo ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngo-10 ebusuku kuya ku-1 entathakusa.
Phakathi kwezinto ezingihlaba umxhwele ngalo msakazi waseMbali, eMgungundlovu, yindlela azethemba ngayo ohlelweni lwakhe. Umuzwa ngisho ekhuluma ukuthi le nto ingaphakathi kuyena, akafuniseli ngokusakaza.
Ngiyayithanda futhi indlela axhumana kahle ngayo nabalaleli bohlelo lwakhe uma sekuyisikhathi sokuthi bashaye ucingo, babingelele noma bancome i-mix yoDJ esuke idlala ngaleso sikhathi.
Kukhona nabalaleli asekwazi ukubezwa besabingelela ukuthi lona wusibanibani wakwasibanibani. Kuhle kakhulu loko futhi kukhombisa ukuthi wakha ubudlelwano obuhle nabalalei bohlelo lwakhe, yize lugxile kakhulu emculweni.
Ngike ngamlalela futhi ngenkathi kungamaholide kaDisemba noJanuwari, lapho abanye abasakazi beGagasi FM bebesekhefini, bengekho ezinhlelweni zabo. Ngijabule kabi ngimuzwa eshayela uhlelo lwantambama iGagasi FM Drive.
Ngiphinde ngamlalela futhi ebambele uKhaya Mthethwa kwiMidday Connection phakathi nezinsuku ngo-12 emini kuya ku-3 ntambama, lapho abambe khona lolu hlelo kamnandi noSonwabo ‘uDJ Sonic’ Thusi.
Ngicabanga ukuthi abaphathi bezinhlelo zeGagasi FM kufanele ukuthi nabo bayakuqaphela konke loko, futhi ngikholwa wukuthi akumina ngedwa obona ukuthi uSizwe esekulungele ukushayela uhlelo lwasemini phakathi nezinsuku.
Into ebucayi nengenza kube lukhuni nokho wukuthi abasakazi bezinhlelo zeGagasi, ikakhulu abezaphakathi nezinzuku, bashaye into ecokeme kakhulu ngakho akuzukuba lula ukuthi bashintshwe ezinhlelweni zabo ukuvulela abanye isikhala.
Nokho noma kunjalo, ukube kuya ngami bebezomnika ithuba emini uSizwe, angene noNjabs Zwane kwi-The Lift Off, sibone ukuthi ngeke yini basebenzisene kamnandi ndawonye uma sekuqala izinhlelo ezintsha zalo msakazo ngenyanga ezayo.
Ngaphandle kwalokho, ngibashayela ihlombe elikhulu abaphathi beGagasi FM, abasakazi, yithimba lezintatheli, abaphathi nabadidiyeli bezinhlelo nawo wonke umuntu obambe iqhaza lokuthi lomsakazo uqhubeke nokwenza kahle ngale ndlela.
WENA UBONA KANJANI?