Monday, May 12, 2025
Ezobuhle Nemfashini

Umfanyana (11) ufuna kwande abesilisa kwezokumodela

MBALI MPONTSHANE

IZINGANE ezingamantombazane yizona eziseqhulwini uma ukhuluma ngomkhakha wokumodela, lapho zikhula zifunda khona okuningi ngendlela yokuziphatha, zikhuthazwa ukuzethemba ezintweni ezinhle ezizenzayo empilweni.

Wukunaka loko okwenza uKholokuhle Nhlonipho Ngcobo (11), oyingxenye yedlanzala labesilisa abasemkhkaheni wokumodela, afise ukukhuthaza nokugqugquzela ontanga bakhe ukungena kule ndima akuyona.

UKholokuhle waseMbali, eMgungundlovu, KwaZulu-Natal, wenza uGrade 5 eNorthdale Primary, kanti ungomunye wabasohlwini lwezinsizwa nezintokazi ezingenele uMr and Miss Mgababa 2024 ozoba seMgababa Thusong Centre ngoMashi 23.

Uthe: “Ngifuna bande abafana kulo mkhakha wokumodela osuwaziwa ngokuthi ungowamantombazane, ngoba kuningi okuhle esikufunda kuwona; ngibala ukuzethemba, ukuzithanda nokukhathalela abanye abantu.”

Lo mfana oqale ukumodela eneminyaka ewu-7, ucijelwe lo mkhakha e-Irene Models Agency yakhona eMgungundlovu, kanti manje ungomunye wabakhangisa ngezimphahla zezingane zeCalifornia Kids Wear. 

“Iphupho lami wukuhamba ibanga elide kule ndima ngigcine ngifika ezingeni lomhlaba, bese ngiba wudokotela ukuze ngisize abantu baphile isikhathi eside,” kusho uKholokuhle othanda nokugijima nokudlala ibhola lezinyawo. 

Ukumbeka ethubeni lokwenza kahle kuMr and Miss Mgababa, ungena kule link ethi: https://pageantvoteafrica.online/pageants/1956/contestants/24077 bese umvotela kanye njalo ngosuku kuze kufike usuku lomncintiswano. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *