Uhamba ezinyathelweni zendodakazi ogaqele uMrs SA
MBALI MPONTSHANE
NGOKUJWAYELEKILE izingane zibuka, zilandele okwenziwa ngabazali bazo, kuthi uma zikuthanda – zihambe ezinyathelweni zabo ukwenza abakwenzayo.
Kodwa kube ngokwehlukile kuGugu Cele, elandela ezinyathelweni zendodakazi yakhe emodelayo, naye wangena kulo mkhakha asewuzwa ngaphakathi nasefisa ukuzuza lukhulu kuwona kubhekwe phambili.
UGugu (43) waseNew Germany, eThekwini, noyisisebenzi esiqashwe ngokugcwele ophikweni lwezamanzi kuMasipala waseThekwini, ungomunye wonobuhle abawu-100 abangenele umncintiswano wokumodela wabashadile uMrs South Africa.
“Indodakazi yami nodadewethu bakuwo lomkhakha wokumodela. Bengivame ukuhamba nabo. Nakuba kwaqala kwanezihibe ezingivimbela ukuhamba ezinyathelweni zabo, ngigcine ngingenile nami kule ndima.
“Ngiqale ngokungenela uMrs Valley of The Thousands Hills ngalala indawo yesibili, ngase ngingenela uMrs KZN Halloween 2019/20 ngabuya nesicoco. Loko kwenze ngakhuthala ukungenela uMrs South Africa,” kulanda uGugu.
Ephetha uthe ujabule ngakho konke okuhle akufunda kwancintisana nabo, futhi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukukhala emuke nesicoco, akholwa wukuthi kungamsiza ukumkhulisa kule ndima yezobuhle.
Ukumvotela ukuze abe sethubeni lokwenza kahle kulo mncintiswano, uthumela umqhafazo othi: Gugu Cele ku: 47587. Ukuvota kubiza uR3 umqhafazo ngamunye, kanti ungavota noma kangaki kuze kushaye umhla ka-3 Juni 2024.