Wednesday, May 14, 2025
Wena Ubona Kanjani?

Ingihlabe umxhwele i-podcast entsha edingida ezomsakazo

NGIBHALA le ngosi yanamhlanje nje inhliziyo yami ichichima injabulo yodwa, kangangokuthi ukube kuyenzeka ngabe ngindizela phezulu njengokhozi ukukhombisa ukuthi ngeneme kangakanani. 

Loko kungenxa yokuthi kuthe ngingena kuFacebook kuleli sonto, ngazithela kwi-post yomunye wabasakazi beZwi Lomzansi, uMxolisi ‘uDr Stressless’ Mhlongo, ecebisa abantu ukubuka uhlelo olusha lwakwiYouTube oludingida izindaba zomsakazo. 

Ngelikhulu iqholo, ngenze njengokuyalela kukaNjomane, ngashona kwiYouTube ukuyobheka ukuthi lolu hlelo olubizwa ngePodcast, Radio and Stuff, olwethulwa wuNtokozo Tshapa noNtobeko Khuluse, lusiphathele ini ehlukile nehlabahlosile.

Namanje angiwuvali umlomo ngobuhle bomsebenzi owenziwa yilezi zinsizwa, othi uma uzilalelisisa uzwe ukuthi zinolwazi olunzulu ngomsakazo nokuthi usebenza kanjani, futhi ngizwile kancane engxoxweni yazo ukuthi zombili zake sasebenza emsakazweni eminyakeni edlule.

Engikuthande kakhulu futhi ngalolu hlelo, engithe ngibheka manje ngafica ukuthi lusaneziqephu ezimbili, yindella abancome ngayo abasakazi abehlukene bemisakazo eyahlukene, nokuthi lapho abahlaba khona bakwenza ngendlela eyakhayo. 

Ngicabanga ukuthi zimbalwa kakhulu izinhlelo ezinjengePodcast, Radio and Stuff uma zikhona, futhi ngibona lolu hlelo luzobasiza kakhulu abasakazi ukukhuthala emsebenzini abawenzayo. Luzokwenza baqonde lapho okumele balungise khona kubhekwe phambili.

Uma ngingaphosisi zimbili izinhlelo ezifana kancane nalolu engake ngazibona kwiYouTube. Yi-Faces Behind The Voices kasomahlaya uSimthande Myeza neRadio Meets TV kaClarrisa Mfeka; kanti zombili lezo zinhlelo zihlabahlosile, kodwa okungikhathaza ngazo wukuthi abanikazi bazo bathula isikhathi eside, kungekho siqephu esisha abasikhiphayo okwenza zingakhuli ngendlela efanele. 

Ngifisa ukuthi lezi zinsizwa zePodcast, Radio and Stuff ziyibambe kanje, zingawulahli lo mgqigqo omuhle negiya eliphezulu eziqale ngakho ukuze uhlelo lwazo lukhule ngokushesha. Ningabe nisayiphunyula madoda, ibambe ngakho!

WENA UBONA KANJANI? 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *