UMafresh ‘akanaxhala’ ngezinhlelo zasemini
IZINHLELO zemisakazo azilingani ngesibalo sabalaleli abazilalelayo. Ezasekuseni kuya ntambama, phakathi nezinsuku zivame ukulalelwa ngabantu abaningi uma uziqhathanisa nezasebusuku nezangempelasonto.
Ngezinye zezizathu lezo ezenza abanye abasakazi bafise ukushayela izinhlelo zaphakathi nezinsuku ngoba befuna ukulalelwa ngabalaleli abaningi, ngenkelolo yokuthi loko kungenza bakhule futhi kwandise amathuba okuthi bachume kule mboni.
Kodwa akunjalo kuThokozani Mpungose owaziwa ngelikaMafresh, umsakazi woKhozi FM oshayela uhlelo i-Akulalwa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngo-12 kuya ku-3 ekuseni.

Yena ukholwa wukuthi kulele kumsakazi ukwenza abalaleli bafise ukumlalela noma ngasiphi isikhathi azwakala ngaso emoyeni.
Engxoxweni noMAKA Magazine uthe: “Uhlelo engilwenzayo lukhulu futhi lubaluleke ngendlela elingana nazo zonke ezinye izinhlelo zomsakazo. Uma uqaphela kahle, ebusuku yilapho abantu abaningi bethola khona ithuba lokulalela umsakazo; okubalulekile wukwenza umlaleli afise ukukulalela noma yinini.”
Lo msakazi owusomabhizinisi nomnikazi wendawo yobumnandi iValley View Lifestyle, uqhube wathi ukuba soKhozini FM kusuka ngo-2018 sekumvulele iminyango eminingi namathuba ehlukene empilweni okwakungeke kube lula ukukwenza ngokwakhe.
“Kunabantu abaningi abangeseka ebhizinisini lami lendawo yobumnandi nelamaloli athutha impahla ngoba bengazela oKhozini, ngakho ngiyohlale ngijabule kakhulu ngethuba engalinikwa ngabaphathi ukuba kulo msakazo,” kusho uMafresh.
Ephetha uthe nakuba kungekho emqonqweni wakhe okwamanje, kodwa uyolibamba ngazo zombili ithuba lokushayela ezinye izinhlelo uma kwenzeka livela.
“Ngiwumuntu ogxila lapho ekhona ngaleso sikhathi, angizikhathazi ngokungakenzeki,” kuphetha uMafresh oseke wasebenza kwiHighway Radio, Izwi Lomzansi neGagasi FM.