Sunday, November 10, 2024
Ezosaziwayo

ULinda Sibiya kwabajoyina Uzalo

OWAYEYISITHANDWA sabalandeli besikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, uLinda Sibiya uzobonakala enza adume ngazo kwezokusakza njengoba esejoyine intandokazi yomdlalo wethelevishini wakwiSABC 1 Uzalo.

Lezo zindaba zivele esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yinkampani ekhiqiza Uzalo – iStained Glass TV, lapho idalule khona ukuthi isizini yesi-10 yalo mdlalo oqale ngo-2015, izoqala ngoLwesine.

ULinda, wodumo lweVuka Mzansi Breakfast Show oKhozini FM, uzobe ezilingisa yena uqobo njengoba ejoyina umsakazo womphakathi waKwaMashu iK-Mash ohlelweni lwasekuseni ukuzozama ukuvuselela uthando lwesiteshi ebantwini.

Inhloko yezinhlelo zeSABC 1 u-Ofentse Thinane uthe: “Sijabule kakhulu ngokungena onyakeni weshumi woZalo. Le sizini izoqala ngegiya eliphezulu, futhi izoba yisiqalo sezinto ezinhle nezizohlaba ababukeli umxhwele ezizokwenzeka kuyona.” 

Abanye abalingisi abajoyine Uzalo woMnqobi Kunene ozolingisa indawo kaGeja, uBandile Maphalala ozoba wuHawu, uVusi Mdiniso ozolingisa uSgidi, uLungani Mabaso ozoba wuPhefeni, uNtando Mncube ozoba wuMvangeli uSakhile Sibiya noFaith Mgobhozi ozolingisa indawo kaNokuthula.

Abalingisi abahlanu abasha bazoqala ukubonakala kulo mdlalo mhla ka-4 Mashi, kuthi uMvangeli uSibiya ozoqala mhla ka-8 Mashi bese uNokuthula evela okokuqala mhla ka-27 Mashi.

UPhrojusa weziqephu zalo mdlalo onababukeli abaningi ukuyedlula yonke ezweni, uKing David Mukwevho uthe: “Njengoba samukela abalingisi abasha kwisizni entsha yoZalo, sinxusa ababukeli ukuqhubeka nokuseseka ukuze nathi siqhubeke nokuxoxa izindaba ezizobajabula njengenhlalayenza.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *