Wednesday, May 14, 2025
Ezobuhle Nemfashini

Ubheke ukunqoba uMrs SA okhule egconwa ngobuyena

MBALI MPONTSHANE

UKHULE enenkinga yabafundi abebemgcona ngendlela abukeka ngayo, bembeka amabala nezici futhi bethi mubi – isenzo esibi nesingenza abanye abantu bangazethembi ngobubona nangendlela abadalwe ngayo.

Yileso sizathu esenze uXolile Kineri, wangenela umncintiswano wonobuhle besifazane abashadile uMrs South Africa, ngenhloso yokuthi uma enqoba, ashumayele ngawo ivangeli lokukhuthaza abanenkinga efana nabenayo esemncane.

UXolile waseMlaza, eningizimu yaseThekwini, ungomunye wonobuhle abasesigabeni esandulela esokugcina sonobuhle abazoqhudelana kulo mncintiswano wokumodela obalwa neminye emikhulu nehlonishwayo ezweni.

Uthe: “Ngingenele lo mncintiswano ukuqhubeka nokuzelapha esimweni engikhule ngaso, ngikhuthaze nababhekene naso kumanje ukungasivumeli ukubaphazamisa ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo yabo ngendlela efanele.”

“Ngifuna ukufundisa abantu ukuthi ukumodela akukho ngobuhle nemfashini kuphela, kepha kungokuzikhulisa empilweni ngokwehlukana kwezinto ozenzayo, futhi kusiza ukufundisa abantu ukuzamukela benjengoba benjalo,” kusho uXolile. 

Lo nobuhle ogxile kwezokumodela engenela uMrs KZN ngo-2019, uneziqu zeDiploma in Accounting, yiBachelor of Arts neMaster’s in Public Administration yase-University of KwaZulu-Natal. Manje uqashwe ngokugcwele yi-Africa Health Research Institute, isikhungo sezocwaningo esingaphansi kweNelson Mandela School of Medicine. 

Uphethe wathi: “Ngikhuthaza wonke umuntu omusha ukuzithanda, aqonde ukuthi wehlukile, akusoze kwaba khona umuntu ofana naye futhi angavumeli lutho namuntu ukuthunaza isithunzi sakhe.”

Ukuvotela uXolile ukwedlulela esigabeni esilandelayo somncintiswano, uthumela umqhafazo othi: Xolile Kineri ku-47587. Ukuvota kubiza uR3 umqhafazo ngamunye; uvota noma yingaki kuze kushaye umhla ka-3 Juni 2024. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *