Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

Ikwaya yasoNgoye iqhakambisa ubu-Afrika nge-albhamu yesibili

UKUGUQUKA kwesikhathi esiphila kusona nendlela abantu abaphila ngayo nsuku zonke kwenza ukuthi abanye bakhohlwe kalula ukuthi bangobani, basuka kuphi nokuthi baya kuphi ngempilo yabo.

Ngesinye sezizathu leso esenze i-University of Zululand Choir yadidiyela i-albhamu yayo yesibili, ehlukaniseke kabili, ingxenye yayo yokuqala egabe ngezingoma ezikhumbuza abantu lapho bedabuka khona ukusiza bangalehlekelwa wububona.

Loko kuhlaluke emcimbini wokwethula le albhamu esihloko sithi Umkhonto KaShaka ne-In Collaboration With, obuse-Umfolozi Casino, Empangeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu kusihlwa. I-albhamu izophuma ngoLwesihlanu esiya kuwona.

Enaba ngale albhamu, umbhidisi wale kwaya esineminyaka engaphezu kwa-20 yasungulwa, uDkt uBhekani Buthelezi uthe kule ethi Umkhonto KaShaka badidiyele izingoma ezaziculwa kudala, eziqhakambisa indlela yokwenza yakudala. 

“Lezi zingoma sizenze kabusha, ngendlela emnandi nezokwenza kube lula ebantwini abasha bamanje ukuziqonda ikakhulu ngoba zaziwa ngabantu abadala ngoba iningi lazo zaziculwa kudala ngakho abantu abaningi abazazi,” kusho uDkt uButhelezi.

Le albhamu iphrojuswe yizinkakha zomuclo oSiyanqoba Mthethwa noDkt uLindelani Mkhize (bodumo lweJoyous Celebration), futhi kuyona kupikwe uNonzwakazi, uZinhle Luhlongwane, uShayezakhe, uDumza Maswana, uNtandoyenkosi noTS Gwazela.

UDkt uButhelezi uphethe wathi: “Sihlose ukuqhubeka sikhulise lekhwaya, sisize intsha engaphansi kwayo ukuchuma kwezomculo kanti manje esikubheke kakhulu wukuhlela umcimbi lapho sizoqopha khona bukhona izingoma zethu.”

Kulo mcimbi obekungena kuwo abamenyiwe kuphela, bekukhona izintatheli zezinkampani ezahlukene, wumculi we-afro pop uLinda Gcwensa nabasakazi boKhozi FM uThokozani ‘uMaMkhize’ Ndlovu noMafresh (obephethe uhlelo). 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *