Kujatshuliswe izithandani ngamahlaya nomculo
IMVULA ezame izikhawana ukuna ‘ayiphumelelanga’ ukuphazamisa iLovers Only Picnic, umcimbi ‘wokuphola nokushaywa wumoya’ obuhlelelwe abathandanayo obuseBotanical Gardens, eThekwini ngoMgqibelo emini.
Yize ubambezelekile kancane ngenxa yemvula edale ukuthi kungahleleki yonke into ngesikhathi kodwa ‘izithandani;’ zitheleke ngobuningi bazo, umcimbi waqhubeka lina linjalo laze laphenya, kwagcwala kwathi phama.
Lo mcimbi obuqala ukwenzeka kulo nyaka uvulwe yimbongi uMinenhle Mthembu ngenkondlo yothando, enoteku nexwayisa abesilisa ngokumele bakwenze nokumele bakugweme ukugcina ubudlelwano nabathandana nabo busesimweni esihle.
Izithandani zihleke kwaqhilika izihlathi sekungena osomahlaya oCharles Mthethwa, uMangaliso Mhlongo, uNdlebe (uKapteni) nomsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe.
Kusukwe lapho kwadlulelwa esigabeni somculo ovulwe ngamaciko amabili oNhlanhla Ndaba noDiamond Rose, abanqobe umncintiswano wokuhlwaya ikhono ezinkundleni zokuxhumana, ukuqokla amaciko angakaziwa ukubhula amazolo kulo mcimbi.
Emva kwalapho kungene uYommy Sax, waqhulula amanoni othando ngethuluzi lomculo i-saxophone. Ulandelwe wuDJ Muntu, naye odedele amanoni ehlukene othando, walandela wumsakazi weGagasi FM uCollen Zondo, washaya esifanayo.
Emva kwalapho kungene abaculi bodumo lwezingoma zothando nezikhuthazayo oDearson noRussell Zuma, baqhulula amanoni ehlukene abaziwa ngawo emculweni. Emva kwabo kungene uDJ Bongz, naye waqhubeka washukumisa inkundla.
Ithimba loMAKA Magazine lihambe kulo mcimbi kusamele kungene uCeega Wa Meropa, uDJ Cndo, uDJ Boonu, uDanger weBig Nuz, uJames Lee Simons, uThando Nyameni noDlala Thukzin.
ULindokuhle Buthelezi owaziwa ngelikaDogg DBN weFameus ebihlele lo mcimbi, ubonge kakhulu abantu ngokuzidela kwabo beza ngobuningi babo kuwona, wathembisa ukuthi uzobuya futhi ngonyaka ozayo.