Monday, June 16, 2025
Wena Ubona Kanjani?

Imisakazo ayikhuthalele ukuqasha ophrojusa bezinhlelo

EMASONTWENI ambalwa edlule ngike ngakuveza kuyo le ngosi ukuthi ngiwumuntu okhule elalela kakhulu umsakazo. Namanje futhi ngisawulalela njalo uma ngithola isikhathi ngoba yinto engiyithandayo. 

Ukulalela umsakazo kwami akufani nokwabanye abantu nanokwano wubani nje othuka evule umsakazo ngaleso sikhathi, bese elalela noma yini ayizwa ikhulunywa khona, nakhona enganake lutho kangako.

Mina uma ngilalele umsakazo, kungaba owomphakathi noma othathwa ngokuthi omkhulu, ngiqaphela izinto eziningi kusuka kwindlela lowo nalowo msakazi azwakala ngayo emoyeni, yindlela aphimisa ngayo amagama nokuthi kudingidwa izihloko ezithini ngokwehlukana kwezinhlelo.

Wukuqaphela kwami lezo zinto nokunye engingasakubalanga manje okwenze ngabona ukuthi phakathi kwezinye izinto ezenza imisakazo eminingi ithwale kanzima wukweswela ophrojusa abakhaliphile ikakhulu phakathi nezinsuku.

Eminye imisakazo ikakhulu eyomphakathi ayinabo ophrojusa bezinhlelo ababhekele ukuqinisekisa ukuthi kulolo nalolo hlelo kuba nento ephakethekayo edingidwayo, baqikelele nokutihi uhlelo luma ngendlela ehlelekile.

Kunezinhlelo engiye ngithi uma ngizilalele ngizwe ukuthi ukube bekukhona uphrojusa lana, ngabe lolo hlelo luhlabahlose ngaphezu koluyilona. Uzwe nje ukuthi lomsakazi unethalente lokusakaza kodwa ushoda ngomuntu ozoza namausu okumele kukhulunywe ohlelweni ukuze uhlelo luhlabahlose.

Ngiyafisa ukuthi abaphathi bezinhlelo zemisakazo bayisukumele le nkinga yokushoda kophrojusa bezinhlelo ikakhulu emisakazweni yomphakathi, engizwa nengibona kuyiyona eshoda kakhulu ngabo kuneminye imisakazo.

Ukwanda kophrojusa abakhalaphile abazobhekela ukuqhuba izinhlelo emisakazweni kungasiza ukuqeda inkinga yabasakazi abakopelanayo izinto abakhuluma ngazo ezinhlelweni zabo, futhi kungaqeda nalo mkhuba omubi wokuncika kakhulu ezintweni ezibhalwa ezinkundleni zokuxhumana.

Ziningi kabi izinto ezihlabahlosile ezenzeka emphakathini ngokwehlukana kwemikhakha yokuphila abasakazi abangakhuluma ngazo ezinhlelweni zabo, ngakho yiphutha ukudingida izihloko zezinto ezingathi shu. 

WENA UBONA KANJANI?