Monday, May 12, 2025
Ezosaziwayo

I-Murumba noMoh baqhakambisa uthando nge”Forever Yena”

‘NGABE uyazi dali ungisanganisa ngishiywe yizingqondo man? Hhayi, hhayi! Far away you take me, you take me far!!! Emhlabeni engingawazi…  Ngiyakholwa, ngiyakholelwa kithina nakuba uyangibona nje.’

Leyo yingxeye yezinhlamvu ezizwakala ziculwa wuNomfundo Moh ekuqaleni kwengoma ethi Forever Yena, ekwi-albhamu yeMurumba Pitch esihloko sithi Isidalo, eqale ukutholakala ezitolo zomculo ngoLwesine oludlule.

Exoxa noMAKA Magazine ngale ngoma futhi okukhona kuyo uMzizi, uMaremo Violin no-Omit ST, uNomfundo Moh uthe uze uzwakala kuyona nje, wamenywa ngamalungu eMurumba Pitch ukuzoqopha ingoma nawo ngonyaka odlule.

UMCULI we-afro pop uNomfundo Moh.

Uthe: “Sahlangana singenahlelo lokuthi sizoqopha ingoma ethini, kwathi sesise-studio bangidlalela i-beat yeForever Yena, base befaka i-hook enezinhlamvu sezihloko sayo, bethatha kwitemu likaMaDlamini wodumo lakwiTikTok.”

Eqhuba uthe kwamjabulisa kakhulu ukusebenza naleli qembu lomculo ama-piano ikakhulu ngoba basebenze engomeni yothando, okwenze kwalula ukusebenza kwabo ngoba naye ujwayele ukubhala ngothando ezingomeni zakhe eziningi.

UPHROJUSA wama-piano u-Omit ST.

“Yingoma esihlose ukuqhakambisa ngayo ubuhle bothando, siveza nokuthi uma abantu bebambisene ebudlelwaneni bothando akukho lutho namuntu ongangena phakathi kwabo,” kusho uNomfundo Moh.

Ngaphandle kwamaciko apikwe kwiForever Yena, kule albhamu enezingoma eziwu-17, iMurumba Pitch isebenze noBuhle Sax, uSipho Magudulela, u-Afrotraction, uKelvin Momo, uMthunzi, uBoohle, uDinky Kunene, uSam Deep, uDaliwonga, uMaWhoo, uNobuhle, uSjava, u-Aymos nembongi uZamoh Cofi ukukha phezulu. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *