Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

UThinah uzogqamisa indodana kwi-albhamu yesikhombisa

OLWETHU MTHIYANE

INTANDOKAZI yabalandeli bomculo wokholo uThinah Zungu usedalule ukuthi konke kuza kahle nge-albhamu yakhe yesikhombisa aseqalile ukuyiqopha, nahlela ukuyikhipha ekupheleni kwale nyanga.

UThinah wodumo lwengoma ethi Nginguthandiwe nethi Wanqab’ Umusa, uthe unethemba lokuthi le albhamu izothakaselwa kakhulu ngabalandeli bakhe ikakhulu njengoba agcina ukukhipha ngethi Buya Nkosi ngo-2020.

Uthe kule albhamu, ezoba nezingoma eziwu-13, upike kuyona uJumbo, iNUZ Voices of Joy nendodana yakhe uNdumiso (10) ezingomeni ezintathu (okuzokwenza iqhubeke nokugqama emculweni).

UTHINAH Zungu nendodana yakhe uNdumiso. Izithombe: wuFacebook

“Ngikholwa wukuthi (i-albhamu) izobabusisa kakhulu abalandeli bomculo wami, ibuyise nethemba kulabo bantu oselubaphelela nasebengabaza amandla obukhulu bukaNkulunkulu,” kusho uThinah waseNanda, enyakatho yaseThekwini.

Eqhuba uthe okwenza akholelwe kuyona wukuthi izophuma emva kobunzima obubhekane nabantu baseNingizimu Afrika, kubalwa negciwane iCOVID-19, athi ukuphuma kwayo kuzoletha ushintsho empilweni yabo ngokomoya.

Uphethe ngokuthi nakuba umculo wokholo ungakachumi njengeminye imiculo njengoba kusekhona abahleli bemicimbi ababashaya ngesithende emicimbini ethile, kodwa uthando lwabalandeli babo lwenza bakhuthale ukuhlale bekhipha umculo omusha.

Uthe maduze uzokwethula isihloko sale albhamu ezokwelama ayisithupha awakhiphe eminyakeni edlule – ayethi Kuthe Bekwazi, yiKwanqab’ Umusa, iNginguthandiwe, i-The Living Testimony, yiLive at Soweto Theatre neBuya Nkosi. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *