Wednesday, May 14, 2025
Wena Ubona Kanjani?

Kumele yande imicimbi efana neLembe Book Festival

NGESONTO elidlule ngibe nenhlanhla yokumenywa ukuba ngomunye wababhali abebeyingxenye yomcimbi wokukhuthaza usiko lokufunda nokubhala ebantwini iLembe Book Festival obuseLuthuli Museum, KwaDukuza ngoMgqibelo.

Ngaphandle kokuthi bekuqala ukuba nomcimbi onje esifundeni iLembe, okunye okwenze ngajabula kakhulu ngawo wukuthi nami ngidabuka kulesi sifunda, ngoba ekhaya kuseMandeni, elinye lamadolobha amane angaphansi kwaso; lapho ngibala noMaphumulo neNdwedwe. 

Okufike kwangihlaba umxhwele kakhulu ngalo mcimbi wukuthi ubugabe ngezinhlelo ezahlukene ezifundisa ngokubhala izincwadi, lapho ababhali abehlukene; abaziwayo nabasafika njengami kule ndima, bethekele izethameli ngolwazi olunzulu laloko.

ABASUNGULI bomcimbi iLembe Book Festival oNozizwe Jele, u-Ayanda Xaba noDudu Busani-Dube. Izithombe: Zithunyelwe

Ngicabanga ukuthi umuntu obekhona kulo mcimbi uzongivumela uma ngithi akekho obeye kuwona obuye engazuzanga lutho, futhi ngikholwa wukuthi bakhona ababuye kuwona sebekhuthazekile ukubhala izincwadi futhi bakhuthala nokuzifunda.

Ngikuthandile nokuthi abahleli bomcimbi benze lo mcimbi wavuleleka kuwo wonke umuntu, kwangenwa mahhala okwenze nobengaba nenkinga uma bekuzongenwa ngemali, wakwazi ukuthola ulwazi olubaluleke kangaka engakhiphanga nesenti.

UMBHALI uMbali Mavundla eqhuba uhlelo lwezingane abeyingxenye yalo kwiLembe Book Festival.

Kanti ngaphambi komcimbi wangoMgqibelo, ingxenye yababhali abebeyingxenye yomcimbi bahambele izikole ezimbalwa, bakhuthaza izingane ukufunda nokubhala, futhi baphisana ngezincwadi. Yinto enhle kakhulu leyo nedinga ukutuswa ngoba kayandile neze. 

INGXENYE yababhali abebekwiLembe Book Festival, behambele kwesinye sezikole abanikele ngezincwadi kusona.

Okunye okudinga ukushayelwa ihlombe ngalo mcimbi wukuthi ubasize kakhulu ababhali, njengoba emnyango bekunamathende lapho obekudayisa khona izincwadi zabo, futhi ngijabule kakhulu ukubona abantu bezithenga ubuthaphuthaphu.

KuZikhona Valela, uNokuthula Mazibuko-Msimang, uMalindi Dlamini, uMandla KaNozulu, uNelly Page Magwaza, uSthandiwe Langa, uRofhiwa Maneta, uNathi Olifant, uLorraine Sithole, uPumza Shabangu, uZanele Mthethwa, uSindiswa Zulu (obephethe uhlelo) nabo bonke ababhali engingasababalanga ngenxa yesikhala – kwande!

Kubahleli nabasunguli bomcimbi oDudu Busani-Dube, uNozizwe Jele, u-Ayanda Xaba, uBongi Khumalo, uNeo Motlhala noThoko Dlamini – uNkulunkulu anibusise, nime njalo!

Ngiyafisa ukuthi lo mcimbi uqhubeke minyaka yonke njengokufisa kwabahleli bawo, futhi ngibona kungakuhle ukuthi nabanye ababhali namaciko jikelele basike iphethini kubahleli beLembe Book Festival; nabo benze imicimbi efuze lona ezindaweni ezahlukene eNingiizimu Afrika ikhulu ezindaweni zasemakhaya.

WENA UBONA KANJANI? 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *