Imbongi igxile kwabanokhwantalala kwi-albhamu yezinkondlo nomculo
NOKWAZI JALI
UKWANDA kwesibalo sabantu abanenkinga yokhwantalala ezweni nasemhlabeni ngesinye sezizathu ezenze imbongi yagaba ngezinkondlo ezikhuluma nabo ngqo kwi-albhamu yayo yezinkondlo nomculo.
UKwazi Nsele waseNkandla, enyakatho yaKwaZulu-Natali, ukhiphe i-albhamu esihloko sithi Isango Lasekhaya, egabe ngezinkondlo ezixutshwe nomculo, namhlanje ekuseni.
Exoxa noMaka Magazine kuthangi ngale albhamu enamanoni awu-13, uthe kumthathe cishe unyaka wonke ukuyihlanganisa ngenxa yokuthi ubefuna ukuqinisekisa ukuthi uthola wonke amaciko abefisa ukusebenza nawo kuyona.
Ezingomeni eziyisishiyagalolunye zayo upike uQiniso Nsele, uZeentle, u-Amahle noXowla no-Aubrey Qwana – ababambisane noBrice Mabuza, uKhanya Bee noTulia Gavana (ukuyiphrojusa).
“Kuzo zonke lezi zingoma engizididiyele lapha, kube mnandi kakhulu ngenkathi ngiqopha eyisihloko se-albhamu Isango Lasekhaya nethi Amandla Omphambili engiyishaya noXowla,” kusho uKwazi.
Uthe okunye akuthande enza le albhamu wukusebenza no-Amahle noZeentle, amaciko awathole kuTikTok, ezingomeni ezithi Uthando Oluphenduke Umlando, Isikhathi Sobunzima nethi Thulisile Mkhize, akholwa wukuthi zishaya ngesigqi esehlukile kunaziwa ngaso nesizozwakala kamnandi ebantwini.
UKwazi uqale ukugqama kwezobuciko ngenkondlo yakhe yango-2020 ethi Sifihlelwe Lukhulu, kanti futhi usesebenze namaciko amaningi okukhona kuwo uGatsheni, uLimit, uBig Zulu neGcokama Elisha.