Usebenzisa amaqhinga empilo ayeyiphila esemusha uMatshidiso weSitha
‘ENYE yezinto ezenza kube lula ukulingisa indawo yowesifazane ‘odlonya utshwala’ wukuthi ngike ngaphila impilo enjalo eminyakeni edlule, ngakho ngisebenzisa amasu ezinto engangizenza ukuyilingisa kahle.’
Usho kanjalo umlingisi womdlalo we-etv Isitha: The Enemy, uNonhlanhla Ngubeni enaba ngendawo kaMatshidiso ayilingisa kulo mdlalo okhiqizwe yiBlack Brain Pictures, nokhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9:30 ebusuku.
UNonhlanhla (50) waseSoweto, eGoli, osephenduke intandokazi kwabanye ababukeli balo mdlalo, uveze ukuthi esamusha ubekhonze ubumnandi, ngakho uyazi injengoba injalo impilo ephilwa wuMatshidiso.
“Ngezikhathi zami zobusha ngangiwumajayivane, ngikhonze ubumnandi. Yiloko okwenza kube lula ukulingisa lendawo engiyilingisayo, nokuthi ngihlale ngiqikelela ukuyilingisa kahle ngoba ineka obala izimo ezenzeka emphakathini,” usho kanje.
Eqhuba uthe ubonga uNkulunkulu ngokumephula empilweni yobusha ayeyiphila, njengoba manje eseyikholwa lomKrestu futhi akasazenzi zonke izinto ayenzeka esasemusha, usegcina ngokuzilingisa kwiSitha kuphela.
Uthe: “Impilo engangiyiphila yacishe yangilahlekisela ngakho konke enganginakho, nganquma ukwamukela uJesu; manje sengiyakholwa ngokugcwele nokuphelele.”
Lo mlingisi oke walingisa kwiLockdown nakwiBlack Door (agqame kuyona) ngaphambi kokujoyina Isitha, uthi uze ungena kwezokulingisa nje wayengahlosile, njengoba ewumuntu wamambhizinisi oziphilisa ngokudayisa.
“Ngakhuthazwa womunye umfana (naye owumlingisi) owayehlale engigqugquzela ukuhambela izinhlolokhono zemidlalo eyahlukene, nakhu manje sengila engikhona futhi kuyakhombisa ukuthi ukulingisa wubizo lwami obelucashile,” kusho yena.
Ephetha ukhuthaze abantu abasha ukukhuthalela imfundo, bagweme ubumnandi nezinto ezingayisani ndawo empilweni ukuze baphumelele.
Weluleke wathi: “Abangafani nathi esamosha isikhathi esiningi senza izinto ezingayisani phambili empilweni; bona banethuba elihle lokuphumelela uma bezimisela kwabakwenzayo, babeke imfundo phambili.”