Wednesday, May 14, 2025
Ezosaziwayo

Kuzovuselelwa ‘usiko lokufunda nokubhala’ kwiTime of The Writer

UKUBHEKA ibanga eselihanjiwe kwezobuciko bokubhala nokufunda izincwadi, wukuqinisa nokuvuselela uthando lwako kubantu, yizona zinto ezizohamba phambili emcimbini wobuciko waminyaka yonke iTime of The Writer.

Lo mcimbi osubuya ihlandla lesi-27 kulo nyaka nohlelwa wuphiko lwezobuciko lwase-University of KwaZulu-Natal iCentre for Creative Arts, uzoba seThekwini phakathi kwamhla ka-14 no-21 kuMashi.

UKWANDILE Hadebe wencwadi ethi Uswazi

Isiqubulo sowalo nyaka sithi Reflections, Resonance & Revival – ngokuhunyushwa okusho ukuthi ukubheka emuva, ukuqinisa nokuqhakambisa; imigomo emithathu abahlose ukuyenza ngawo kwezobuciko.

UTsosheletso Chidi-Bongwadi wethimba elihlela lo mcimbi uthe: “Sifuna ukuthi umcimbi walo nyaka ube yisizinda sokuthola kabusha ummongo wokufunda nokubhala, sibheke ukuthi sisuka kuphi ngakho, bese sivuselela usiko lokuxoxa izindaba eziqhakambisa ubulungiswa kubantu.”

ULORRAINE Sithole wencwadi ethi When Secrets Becomes Stories

Uqhube wathi kusuka manje kubhekwe phambili bazolokhu beveza kancane, kancane ukuthi yini abantu abangayilindela emcimbini walo nyaka, kuze kube wukuthi bethula uhlelo oluphelele lo mcimbi phakathi nenyanga ezayo.

Amaciko osekuvele ukuthi azoba yingxenye yomcimbi walo nyaka kukhona umhleli weTimesLive uNaledi Shange, u-Angela Makholwa wencwadi ethi Red Ink, imbongi u-vangile gantso, u-Amanda Ngudle wencwadi ethi MaMkhize: My World: My Rules, uLorraine Sithole wencwadi ethi When Secrets Becomes Stories, uXoli Madlala wencwadi ethi The Peri Menopausal Globetrotter, wuqweqwe lwentatheli nomhleli wemicimbi uSam Mathe noKwandile Hadebe wencwadi ethi Uswazi. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *