Monday, June 16, 2025
Ezosaziwayo

Wenaba ngobuhle bokufunda ‘ofunde izincwadi eziwu-44 ngo-2023’

‘UKUFUNDA izincwadi ezahlukene akugcini ngokukusiza ukwazi izinto eziningi obungeke uzazi, kulekelela nangokwenza uqonde ukuthi izingqondo zabanye abantu zisebenza kanjani, ukukusiza ukwazi ukuphilisana nawo wonke umuntu.’

Usho kanje uNksz u-Ayanda Mokwana, intokazi enothando lokufunda izincwadi, ilandisa UMAKA Magazine ngokwenze ‘yafunda izincwadi eziwu-44 ezinyangeni eziyisithupha kuphela’ ngonyaka odlule.

UNKSZ u-Ayanda Mokwana eshuthe nezincwadi eziwu-44 athi uzifunde zonke waziqeda ngonyaka odlule. Izithombe: Zithunyelwe

Emasontweni ambalwa edlule, le ntokazi yasePolokwane, eLimpopo, isabalalise emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana isithombe sayo iphethe izincwadi eziwu-44, sihambisana nombhalo osho ukuthi izifunde yaziqeda zonke ngo-2023.

Engxoxweni ekhethekile noMAKA Magazine izolo ithe: “Ngaphandle kokuthi ngiwumuntu okhonze ukufunda izincwadi, ngibone ukuthi bese ngichitha isikhathi esiningi ngezinkundla zokuxhumana, ngingasenzi lutho olutheni empilweni.”

“Yilapho engithathe khona isinqumo sokuma kancane ezinkundleni zokuxhumana ngoMashi wangonyaka odlule, ngazinikela ukwakha isikhathi sokufunda izincwadi. Bengizibekele umgomo wokufunda izincwadi eziwu-40, ngaphetha unyaka odlule sengifunde eziwu-44,” kulanda uNksz uMokwana.

Eqhuba uthe uthando lokufunda kuye aluqali manje, yinto ayiqale esesamncane ebukela kudadewabo omdala (naye okhonze ukufunda). Uthe: “Ngiqale kancane, kancane, ngikhuthazwa wuyena, ukufunda kwagcina sekusegazini kimi.”

Ebuzwa ukuthi njengoba esefunde izincwadi ezingaka futhi esaqhubeka nokufunda, akakucabangi yini ukubhala eyakhe incwadi ngelinye ilanga, uthe okwamanje akajahile ukuzifakela ingcindezi yaloko, kuzozenzakalela ngesikhathi esifanele.

“Okwamanje ngisaqoqa ulwazi olusezincwadini, futhi ngiyaqhubeka nokushumayela ivangeli lokufunda kubantu njengoba ngisanda kusungula inhlangano ekhuthaza ukufunda nokubhala ezinganeni iJunior Creative Book Club,” usho kanje.

Ephetha uthe kulo nyaka uzibekele umgomo wokufunda izincwadi ezingaphezu kwa-50, waveza nokuthi uma engafundi izincwadi – ubhalela abantu imibhalo eyahlukene. 

One thought on “Wenaba ngobuhle bokufunda ‘ofunde izincwadi eziwu-44 ngo-2023’

  • nami se ngikhona ukufunda amakhasi ambalwa etekisini uma ngiya emsebenzini noma ngi buya ngoba ungi xoxozelwe nguye u Amanda u kuthi isikhathi u ya zenzela

    Reply

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *